Linda Ximba
Sekuphele cishe izinyanga ezintathu umsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi egcine ukuba khona emsakazweni.
Kuze kube yimanje abalandeli bohlelo lwakhe lokholo olushisa izikhotha elibizwa ngokuthi Indumiso abakaze banikezwe incazelo yokuthu kungani engekho.
I-Scrolla.Afrika sazi ukuthi isizathu esikhulu esenza ukuthi uButhelezi angabi khona itoho lakhe abelenza elimfake enkingeni.
UButhelezi kuthiwa ubenenkampani ye-trading eyamfaka enkingeni enkulu.
I-Scrolla.Africa itshelwe ukuthi amanye amakhasimende kaButhelezi aqala ukumjaha efuna izimali zenzuzo.
Ngesikhathi uButhelezi eqala ukubaziba bavele bafika ngaphandle kwesitudiyo sakwa-SABC eThekwini befuna izimpendulo kuye.
Umthombo osondelene nomsakazi woKhozi uthe “Abaphathi besiteshi banqume ukumkhipha emsebenzini ukuze alungise izinkinga zakhe ezithinta yena. Isiteshi sibona sengathi lezi zinsolo zilimaza isithunzi se-SABC ngoba amanye amakhasimende aseze aphumela obala emaphephandabeni endawo ukuze adalule lo msakazi.” Selokhu ahamba uThembeka Zondo-Cele obambe izintambo.
UButhelezi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ibhizinisi lakhe yilona elimenze wahoxa, kodwa wangadalula eminye imininingwane.
“Angivumelekile ukuphawula ngezindaba ezithinta i-SABC, kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ukungabikhona emoyeni kuhlangene nokuphithizela kwami. Isiteshi singicele ukuthi ngilungise izinkinga, kodwa ngizobuya maduze.”
Okhulumela i-SABC uGugu Ntuli uthe uButhelezi uke wathatha ikhefu emsakazweni ukuze agxile ezintweni zakhe.
“Usengomunye wabasebenzi bethu esibaqashile. Uzobuya emoyeni maduze nje.”
Uhlelo lwezokholo luke lwephula amarekhodi ngesikhathi luhamba phambili luhlula imidlalo yasekuseni neyantambama ebidlala phakathi nesonto.
Lolu hlelo luphinde lwathola indondo kuma-SABC Crown Gospel Awards.
Njengamanje umsakazi woKhozi FM uPhumlani owaziwa ngelikaDJ Sgqemeza Mbatha ongumsakazi weVuka Breakfast Show usebuyele emoyeni.
Wakhishwa emoyeni kanye nabadidiyeli bohlelo inyanga yonke. Bebesolwa ngokwephula umthetho wesiteshi ngokudlala ingoma ebingekho ohlwini.