Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bayavutha uNgqongqoshe bakazwelonke ngenkohlakalo eyenziwa amafemu akwaSithebe eMandeni okuthiwa ayaqhubeka nokugoloza ukuqasha abantu bakuleli njengoba kulokhu kuboshwe abangu-120 bokufika abaqashwe khona.
Kuthiwa lamafemu asancamela ukuqasha abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho yize uhulumeni ufake izigidi ebhange iThala ukuze kuqashwe abakuleli.
NgoLwesithathu ntambama kuboshwe abasebenzi abangu -120 abanye baphuma ngesamagundane bebaleka ngemuva kokutholakala ukuthi bakuleli ngokungemthetho.
Iphini likaNgqongqoshe woMnyango wezaBasebenzi uMnuz Jomo Sibiya nephini likaNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Njabulo Nzuza bebevutha bengabaselwe bethi lo mkhuba yiwo kanye odala ukuba izinga lokungasebenzi kwabakuleli likhuphuke ngamandla.
“Sibhekene nenkinga yabantu bakithi abaningi abangasebenzi ababulawa indlala abanye asebengene ebugebengwini ngoba lezi zinkampani ezilapha kwaSithebe azifuni ukubaqasha. Kunalokho ziyabavimba zithathe abakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho. Sithi lokhu asizukukwazi ukukubekezelela. Kumele kunqandwe kusemanje,” kuchaza uSibiya.
UNzuza uthe akusiniswa amahleza manje ngoba bonke abathintekayo kuhlanganisa nabaphathi balamafemu bazobhekana nengalo yomthetho.
Uthe nalaba ababanjwe ukuthi bakuleli ngokungemthetho bazoshushiswa ngaphambi kokubuyiselwa emazweni abo.
Ngonyaka owedlule kuboshwe inqwaba yabokufika kuleli abangenawo amaphepha ababalelwa ku-220 emafemini ase-Newcastle nawakwaSithebe.
Lapho kwaze kwaboshwa nabanye abaphathi bamanye amafemu kodwa kuthiwa kusenhlanga zimuka nomoya njengoba besaqashwa ubuthaphuthaphu abokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli.