Bayaveva abaqwayizi ngesigwebo esinikwe owadlwengula wabulala uzakwabo

Celani Sikhakhane

Ngesonto eledlule, umbulali kaNeli Mtshali ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngemuva kokumthumba, ukumdlwengula nokumbulala ngoNtulikazi nyakanye  eNgedle, KwaZulu-Natali.

Kodwa-ke, ijaji eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo lilichithile icala likaNkosinathi Melusi lokudlwengula ngesizathu sokuthi uNeli wayengeke adlwengulwe ngoba ubedayisa ngomzimba.

Ngemuva kwesigwebo, ubaba kaNeli uThomas Mtshali, ubethukuthele egane unwabu, etshela i-Scrolla.Africa ukuthi iminyaka engu-20 mncane kakhulu kumsolwa owathumba, wadlwengula futhi wabulala indodakazi yakhe.

ISisonke, okuyihlangano kazwelonke yabathengisa ngomzimba eNingizimu Afrika, ihambe emazwini kaThomas, yathi abadayisa ngomzimba abavikelwa ngokwanele ngaphansi komthetho waseNingizimu Afrika.

Umkhulumeli wabo uYonela Sinqu uthe abasebenza ngokudayisa ngomzimba yibona abasengozini enkulu yodlame nokuhlukunyezwa ngokocansi kunoma yimuphi omunye umsebenzi emphakathini.

“Abathengisa ngomzimba yibona abasengozini enkulu yokuhlaselwa ngamacala odlame nokushaywa kunabanye besifazane, futhi amaphoyisa avame ukuba yizigilamkhuba,” kusho uSinqu.

Le nhlangano icele ukuthi kuqedwe lento yokuthi ukudayisa ngomzimba kuyicala esincane ngaphansi komthetho.

“Ngenxa yokuthi umsebenzi wocansi uvezwa njengecala, icala elibikwa umuntu odayisa ngomzimba livame ukungathathelwa phezulu, okusenza sibe izisulu ezilula kubahlukumezi abazenza amakhasimende. Izimo zokusebenza esisebenza ngaphansi kwazo zibeka impilo yethu engcupheni enkulu,” kuchaza uSinqu.

USinqu weluleke umndeni wakwaMtshali ukuthi udlulise isigwebo sikaMelusi.

UMelusi wabulala uNeli ngemuva kokuthi enqabe ukumkhokhela ngemuva kokwenza ucansi. Wabe esefihla isidumbu sakhe ehlathini eliseduze.

USinqu uthi akufanele nje uMelusi ashushiselwe ngokudlwengula kuphela kodwa unecala lokuthenga ucansi, obekuyicala lobugebengu kusukela ngo-2007 kodwa iziphathimandla bezingakunaki lokhu.

“Njengomunye wabathengisa ngomzimba kuyadumaza kakhulu ngoba … izindaba zethu zehliswe zaba yize futhi amalungelo ethu abantu ahlezi ephulwa ngaphandle kosizo,” esho.

“Noma sidayisa ngomzimba okusalayo siyafana nawo wonke umuntu. Njengezakhamizi kanye nabahlali bakuleli, amalungelo abantu aqukethwe kuMthethosisekelo kanye nakuSomqulu Wamalungelo, akusithokozisi ukuthi asivikelekile nganoma yiluphi uhlobo, kuhlanganisa nohlelo lwezobulungiswa”.

Scrolla World Cup Quiz