Bayatatazela abanikazi bezindlu basemalokishini ngemithetho emisha yezipaza

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • Abanikazi bezindlu abaqashisa ngendawo kubanikazi bezipaza kufanele manje bathole izimvume ezikhethekile noma bazivale izitolo mhla ziyishumi nantathu kuZibandlela.
  • Imindeni eminingi ethembele emalini yabaqashe indawo yezipaza isaba ukulahlekelwa ‘isinkwa’ sayo njengoba inqubo yezimvume idinga amaphepha aminingi.

Imizamo kahulumeni yokulawula umkhakha wezipaza ibafaka ingcindezi enkulu abanikazi bezindlu nabanikazi bezitolo.

Abanikazi bemizi eNelson Mandela Bay bakhathazekile ngokuthi bazolahlekelwa yimali ngemuva kokutshelwa ukuthi badinga imvume ukuze baqhubeke nebhizinisi labo.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe zonke izipaza kufanele zibe sezibhalisiwe kumasipala wendawo ungakadluli umhla ziyishumi nantathu  kuZibandlela.

Ukuze ubhalise, abanikazi bezitolo badinga imininingwane eminingi. Lokhu kubandakanya izimvume zokuthuthwa kukadoti, ukulawula izinambuzane, ukuphepha kokudla, ukuphepha emlilweni kanye nelayisensi yebhizinisi.

Okokuqala nje, abanikazi kufanele babuze ihhovisi likamasipala Lokuhlela Umhlaba ukuthi indawo yabo ngabe ikulungele yini ukusetshenziselwa ibhizinisi.

Lokhu kubiza u-R2,207 futhi kudinga amaphepha afana netayitela, imvume yasebhange uma kunebhondi, amapulani okwakha kanye nesitatimende sasemaphoyiseni.

Uma sebekwenze konke lokhu abanikazi bezitolo bazobe  sebengakwazi ukubhalisa kumasipala.

UMqondisi wezokuHlelwa koMhlaba uMthulisi Msimang uthe ukuhlola izicelo kuthatha izinsuku eziphakathi kweziyishumi nane kanye nezingamashumi amathathu.

“Uzovunyelwa ukuqhuba ibhizinisi lasekhaya uma isicelo sakho sesiphasiswe ngumasipala,” usho kanje.

Izakhamizi eziningi zithukuthele, zithi umasipala uzinike isikhathi esincane.

Umnikazi wendawo ohlala elokishini laKwalanga eKariega useneminyaka engaphezu kwamashumi amabili eqashisa ngezindawo kubanikazi bezipaza.

“Ngaqala ukuqashisa abantu bokufika ngo-2003 futhi umasipala awukaze usivakshele nangelilodwa ilanga. Akukaze kudingeke ukuthi sifune imvume yalutho futhi manje ngalolu hlelo olusha sebezama ukusiphuca isinkwa sethu,” kusho yena

Omunye umnikazi oqashisa ingxenye yendlu yakhe yomxhaso ukhungathekile ngenxa yokuthi akanalo itayitela.

“Angisebenzi ngiphila ngenzuzo engiyithola ngokuqashisa ingxenye yomuzi wami. Manje ngezwa kuthiwa ukuze ngiqhubeke ngiqashise ngidinga imvume kumasipala futhi kumele ngibe netayitela. Lokhu kusho ukuthi iziqashi zami kuzofanele zihambe ziyoqasha kwenye indawo,” kusho yena.

Kodwa lisekhona ithemba- umasipala uthi abanikazi bezindlu zomxhaso bangathola incwadi eyisipesheli ezosebenza njengetayitela uma sebefaka isicelo.

Esithombeni esingenhla: Isipaza esisebenza emzini oseGqeberha.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva