Lubhalwe nguLungani Zungu
Babalelwa ku-500,000 abavakashi bakuleli nabakwamanye amazwe abavakashele emabhishi aseThekwini KwaZulu-Natal kule mpelasonto esiphuma kuyona yize bekunezinsolo zokuthi amabhishi akuleli dolobha angcoliswe i-E. coli kanye nendle.
Njengoba kutheleka izivakashi kusalindeleke ukuthi babe baningi abantu abasazothutheleka eThekwini ngaphambi kukaKhisimusi ongeSonto kanye noNcibijana.
Esitatimendeni uMasipala ubike ukuthi uqaphe abantu abangu-293,520 abahambela amabhishi kanye nezivakashi ezingu-474,4300 kule mpelasonto edlule.
NgoMgqibelo, igagasi elibi ebhishi laseThekwini lidlule nemiphefumulo emine kwathi abangu-17 balimala.
Ngasekuqaleni kwale nyanga iMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda ibhekane nokugxekwa okukhulu ngesimo samabhishi aseThekwini ngaphambi kwamaholidi kaKhisimusi.
Emasontweni amabili edlule uKaunda ungene olwandle lwaseThekwini phambi kwezintatheli ukuze ehlise ukwesaba kwezivakashi.
Amabhishi aseThekwini angu-11 avuliwe phakathi namaholide alo nyaka kanti angu-12 asavaliwe.
Phakathi kwalawa avuliwe kubalwa i-Ushaka beach, i-North beach ne-South beach.
Abaningi bathutheleke ebhishi eliseNingizimu yeTheku ngoLwesihlanu njengoba bekushisa kakhulu.
UNksz Nokuthula Makhoba odayisa ngezimpahla zesintu nezigqoko ezinobuhlalu ngasolwandle uthe kuyamjabulisa ukuthi abantu bavakashela amabhishi aseThekwini.
“Ngiyajabula ukuthi abantu bavakashele emabhishi. Ngizokwazi ukwenza imali futhi nginakekele umndeni wami ngamaholidi. Bengicabanga ukuthi abantu ngeke beze emabhishi ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ulwandle lungcolile,” kusho uMakhoba.
UMasipala uthe zibalelwa ku-9,152 izexwayiso ezikhishiwe, kanti kusaboshwe abayisishiyagalolunye ngempelasonto.
Amacala ahlobene nokungathobeli imithetho kaMasipala okuhlanganisa ukupaka okungekho emthethweni, ukuhamba ungagqokile, nokuphuza utshwala esidlangalaleni.
Khonamanjalo uSihlalo we-ActionSA esifundazweni, uZwakele Mncwango usamile kwelokuthi amabhishi aseThekwini awaphephile ukuthi abantu bangaya kuwo.
“Iqiniso ukuthi ubuholi bedolobha behlulekile ukwenza amabhishi aseThekwini abe indawo ephephile yezivakashi.”
IMeya uKaunda inxusa umphakathi ukuthi uhloniphe imithetho kaMasipala.
“Sijabule ngokuziphatha kahle komphakathi ikakhulukazi emabhishi aseThekwini. Sikhuthaza umphakathi ukuthi uqhubeke nokusebenzisana namaphoyisa nabanye abomthetho, nabasebenzi bakaMasipala okuhlanganisa nabaqaphi ukuze baqinisekise ukuphepha kwabo,” kusho uKaunda.
Isithombe esingenhla: sikhombisa abantu abaningi abebethutheleke olwandle lwaseThekwini
Umthombo wesithombe: @eThekwini Municipality