Izimpondo zobhejane ziye zancipha eminyakeni eminingi edlule futhi ngokocwaningo lwakamuva, lokhu kungenxa yokuzingela okungekho emthethweni.
Ithimba labacwaningi abavela eNyuvesi yase-Cambridge lacwaninga izithombe zezinhlobo ezahlukene zobhejane kusukela ngonyaka ka-1886 kuya onyakeni ka-2018.
Ithimba lifinyelele esiphethweni sokuthi izimpondo zobhejane zikhombisa ukuncipha kuleminyaka eminingi edlule.
Isizathu esenza abacwaningi bakholelwe ukuthi sekunobhejane abanezimpondo ezimfishane ukuthi abanezimpondo ezinde kunabo bonke babehlaselwa abazingeli abangekho emthethweni, okushiya obhejane abanezimpondo ezimfishane bezalana nabanye obhejane abanezimpondo ezimfushane, kubika i-The Times.
“Sijabule kakhulu ukuthi singathola ubufakazi ezithombeni bokuthi izimpondo zobhejane zikhombisa ukuncipha ngokuhamba kwesikhathi,” kusho u-Oscar Wilson owayengumcwaningi eNyuvesi yase-Cambridge ophikweni lwe-Zoology.
“Izimpondo ezibiza amanani aphezulu emakethe cishe zingezinye zezinto okunzima kakhulu ukusebenza kuzo emlandweni wemvelo ngenxa yokukhathazeka kwezokuphepha.”
UWilson uthe izimpondo zobhejane zavela ngezizathu ezahlukene njengokuzama ukuqoqa ukudla noma ukuzivikela ezilwaneni ezidla ezinye.
Ngesikhathi ithimba lenza ucwaningo ngezithombe lithole ukuthi phambilini lesi silwane besibonakala simnyama futhi siyingozi kanti manje obhejane sebekhombisa ukuzwelana kakhulu.
“Okungenani eminyakeni eminingi sekugxilwe kakhulu ekuzameni ukuvikela obhejane,” kusho u-Ed Turner usosayensi wezokongiwa kwemvelo e-Cambridge obengamele lolu cwaningo.
“Lokhu kubonakala ezithombeni zakamuva ezihlobene nokongiwa kwazo zonke izilwane zasendle.”
Lolu cwaningo luthole ukuthi ukubulawa kobhejane ngokungemthetho kwesimanje kuqhutshwa isidingo esikhulu sezimpondo. Izimpondo zidingeka kakhulu e-China nase-Vietnam okuyilapho uphondo lusetshenziswa ukwakha imithi yesintu njengendlela yokwenza imali kanye nokutshalwa kwezimali.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla siveza ubhejane
Umthombo wesithombe: @HighwayMail