Bayanda abakaka uZikalala kwesikaSihlalo

Celani Sikhakhane

Obengumholi we-ANCYL usejoyine uhlu losopolitiki abafuna ukuketula uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala njengoSihlalo wesifundazwe.

UMnu Sboniso Duma oseyilungu le-ANC esifundazweni uqokwe ngamanye amagatsha ukuthi athathe izintambo kuZikalala ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ngoNtulikazi.

UDuma waxoshwa ku-ANCYL nguJulius Malema ngesikhathi umholi we-EFF esengumengameli wale nhlangano.

UZikalala uthathwa njengoseka uMengameli uCyril Ramaphosa kanti uhlangothi oluseka uJacob Zuma lufuna aphume.

Phakathi kwabafakwe ohlwini lokuvala isikhala sikaZikalala kubalwa uNgqongqoshe walo Mnyango uNomsa Dube Ncube, owayeyiMeya yase-Newcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba, isikhulu saMaZulu, uMnu Sandile Zungu noDuma.

UDuma ophinde abe ilungu lesiShayamthetho sase-KZN ubengomunye wabaholi abaqokwe ngonyaka ka-2012 engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha e-Howard ANCYL.

Uyaziwa ngokwandisa igatsha lakhe emphakathini wangakubo, okuhlanganisa nokunikela ngezinkomo ngesikhathi semicimbi yesonto lePhasika.

Omunye umholi naye igama  lakhe ebelivele kodwa osekuthule ngaye  nguNgqongqoshe uNkk Peggy Nkonyeni osanda kubandakanyeka engozini yemoto o-Lundi ngesonto eledlule.

UDuma wazibeka phambili ekungeneleni isikhundla sokuba nguSihlalo we-ANC esifundeni sakhe i-Lower South Coast kodwa wangaphumelela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uDuma uthe akahlangene nezinhlangothi ngoba i-ANC iyodwa.

“Khumbula ukuthi i-ANC yathatha isinqumo sokweseka izinguquko  kwezomnotho. Ngakho-ke lokhu akukhona okweqembu, kodwa kuwumgomo we-ANC. I-ANC iyodwa kanti noMengameli uRamaphosa nguMengameli wethu.” Okwamanje uRamaphosa usazihola phambili ngemuva kokuthi abamesekayo benqobe i-Limpopo, i-Eastern Cape ne-Gauteng.

Ingqungquthela yase-KZN izoba ngenyanga ezayo.

I-KZN isona isifundazwe esikhulu kunazo zonke esizothumela izithunywa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela ezizonquma ukuthi uRamaphosa uthatha ihlandla lesibili noma cha.

Izihloko zakamuva