Bayanda abafaka isigqoko esitikini kwesikaMengameli

Celani Sikhakhane

Owayeyilungu le-ANC ePhalamende owake wabizwa abezindaba njengo wesifazane omdala owayethandana nowayenguMengameli we-ANC uMnu Jacob Zuma usegaqele isikhundla sokuba uMengameli eqenjini elibusayo ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

UZiphora Sizani Dlamini-Dubazane wase-Nkumbanyuswa e-Bulwer ukwamukele ukuqokwa kwakhe egatsheni laseMgungundlovu kwaDambuza ukuthi angenele isikhundla sikaMengameli we-ANC.

Engxoxweni abe nayo ne-Newzroom Afrika ngomhlaka-21 kuNhlaba uthe ubona sengathi izinqumo ezathathwa engqungqutheleni yesi-54 yokukhetha ubuholi be-ANC e-Nasrec azikaze zenzeke.

UDlamini-Dubazane waqala ukuba sematheni ngesikhathi ethenga umuzi e-Forest Town eGoli ngonyaka ka-2005 ukuze uZuma awusetshenziswe ngemuva kokuxoshwa kwakhe njenge phini likamengameli ngesikhathi sikamengameli Thabo Mbeki.

Kungaleso sikhathi lapho i-Mail and Guardian yayimbiza ngesithandwa  sikaMnu uZuma. 

Uphinde wathinteka ezivumelwaneni ezisuse umsindo okubalwa kuzo ukubolekwa kwemali engu-R3.6 million kwi-Thala Development Finance Corporation. I-Thala yayixhaswe uhulumeni waKwaZulu-Natal okuthe uma inkampani isikweleta yahlela ukuthi ipulazi lalo eliseMkuze enyakatho ye-KZN lithengwe uhulumeni ngaphansi kohlelo lokubuyiselwa komhlaba.

Ebuzwa ngabe-Newzroom Afrika kuleli sonto ukuthi kungani ekwamukele ukuqokwa uthe “Kungenxa yokukhathazeka kwamagatsha ekuxazululweni kwezinto okwavunyelwana ngazo e-Nasrec ezingakaze zikungiswe.

“Esikubonayo ukuthi inhlangano ihlehla ibuyela emuva futhi ngenxa yalokhu abantu baseNingizimu Afrika sebelahlekelwe ithemba nokuthembela kwi-ANC. Lokhu kufakazele ukuthi i-ANC ilahlekelwe amandla okhethweni lohulumeni basekhaya,” kusho uDlamini-Dubazane.

Uthe kunemigomo efana ne-National Development Plan okufanele isetshenziswe nguhulumeni kodwa akukaze kwenzeke ingakho engumuntu ofanele ukwenza lokho.

Usewuqinisile umkhankaso wakhe ezifundeni ezahlukene okubalwa kuzo iMzala Nxumalo ne-Moses Mabhida.

Utshele izintatheli ukuthi akanayo inkinga yokuthi abizwe njengozakwabo kaZuma ngoba wayengumkhuzi wakhe wokudingiswa.

UDlamini-Dubazane unomlando omude kwi-ANC ngesikhathi somzabalazo futhi wayeyilungu le-United Democratic Front ngeminyaka yango-1980.

Uke waba iPhini likamqondisi woMnyango wezeMpilo kuzwelonke ngesikhathi uNkosazane Dlamini Zuma enguNgqongqoshe wezempilo ngeminyaka yango-1990. Baphuma endaweni eyodwa e-Bulwer.

UDlamini-Dubazane ubeyilungu le-ANC ePhalamende kusukela ngo-2009 kuya ku-2019.

Ungumholi wesibili we-ANC e-KZN ukwamukela ukuqokwa kwesobuMengameli kulandela owayenguNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize.

Izihloko zakamuva