Bayachanasa emgwaqeni yase-Mangaung njengoba amaphoyisa ephelelwe yizincwadi zamathikithi

Abashayeli bezimoto bahleka amaphoyisa omgwaqo e-Mangaung.

Amaphoyisa awanazo izincwadi zamathikithi – kusukela ngoNhlangulana!

Amaphoyisa omvwaqo athi umasipala wehlulekile ukukhokhela obahlinzeka ngalezincwadi kanti umasipala uthi uyayibheka le nkinga.

Ekhuluma ngombandela wokungadalulwa, amaphoyisa atshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi sekuphele izinyanga bengazibhali inhlawulo.

“Sesinesizungu emsebenzini. Abashayeli bayasihleka ngoba bayazi ukuthi ngeke sibahlawulise,” kusho iphoyisa lomgwaqo litshela abakwa-Scrolla.Africa.

“Sesiphelelwe yisigaba sama-341 nesigaba sama-56 sezincwadi zenhlawulo yomgwaqo. Lezo yizincwadi zokwephula umthetho kwezimoto ezimisiwe kanjalo nezihambayo,” uyasho.

Leli phoyisa lithe lona nozakwabo babona abantu beshayela bengawafakile amabhande ezihlalo, bekhuluma nomakhalekhukhwini babo ngenkathi beshayela beqa namalambu abomvu.

“Futhi akukho esingakwenza ngalokho. Asisajabule ngokuba ngamaphoyisa omgwaqo.”

Elinye iphoyisa lomgwaqo lathi: “Kade ngibona izimoto ezinamadiski aphelelwe yisikhathi zimile edolobheni. Ngike ngazibonela ngawami amatekisi agcwele ngokweqile nabashayeli bethi bafuna ukwenza imali ebalahlekele ngesikhathi somvalelo. Kepha angikwazanga ukukhipha inhlawulo. Abashayeli bayazi ngenselelo yethu futhi benza umathanda.”

Okhulumela uMasipala uQondile Khedama uyiqinisekisile le nkinga. “Uphiko olubhekele ezempilo lubeke i-oda enkampanini esiyihlinzekayo. Uhlelo lokuthengwa kwempahla seluqalile futhi silindele ukuthi baluphothule. Kumele bangalibali,” kusho uKhedama.

UKhedama wengeze wathi: “Sibhekene nezinkinga eziningi ezithinta isiminyaminya kanti inhloso wukuqinisekisa ukuthi siyayithuthukisa indlela yokusebenza emgwaqeni.”

Izihloko zakamuva