Baxoshelwe isibikezelo esishaye eceleni ngesiphepho

Dylan Bettencourt

Ochwepheshe ababili abahamba phambili besimo sezulu base-Hungary baxoshiwe ngemuva kokubikezela isiphepho, okuphoqe ukuthi kumiswe umcimbi omkhulu weziqhumane – kodwa isiphepho sangafika.

Isibikezelo esishaye eceleni sidale isiyaluyalu kwezombusazwe. Lo mcimbi, obhalwe ukuthi “umbukiso weziqhumane omkhulukazi waseYurophu” obuhlelelwe ukuthi ube ngoMgqibelo odlule ubungowokugubha uSuku lukaSt Stephen okuyiholidi likazwelonke.

Cishe iziqhumane ezingu-40,000 ebezizoqhunyiswa emoyeni zisuka ezindaweni ezahlukene ezingu-240 endaweni engu-5km e-Budapest.

Lo mbukiso uvame ukubukwa ngabantu abangaba izigidi ezimbili unyaka nonyaka.

Kulo nyaka uhulumeni uthathe izeluleko zophiko lwesimo sezulu wahlehlisa lo mcimbi ngesonto elilodwa, kodwa isiphepho sishintshe indlela sageja inhlokodolobha. 

NgeSonto i-National Meteorological Service ithumele isixoliso ekhasini labo laku-Facebook kodwa umonakalo ubusuvele ukhona.

Ngosuku olulandelayo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweZinto ezintsha uLaszlo Palkovics uye waxosha umphathi wezezimo zezulu kanye nesekela lakhe.

Lo mcimbi udale impikiswano e-Hungary ngisho nangaphambi kwesibikezelo esiyiphutha lapho abantu abangaba ngu-100,000 abasayine khona isicelo sokumiswa kwalo mcimbi ngenxa yokuthi omakhelwane babo base-Ukraine baphakathi kwempi.

Kodwa-ke abalandeli bakahulumeni baphoxekile ukuthi umcimbi uhlehlisiwe futhi manje sebekubheke ngabomvu ukuqhunyiswa kweziqhumane okuzoba kulo Mgqibelo.

Ngaphandle uma kungafika isiphepho kulokhu – ngaphandle kwesixwayiso.

Umthombo wesithombe: @

Izihloko zakamuva