Baxolisile abadlali bebhola ngendida kuma-akhawunti abo e-Twitter

Dylan Bettencourt

Unozinti wase-Spain u-Iker Casillas ubike ngeSonto ukuthi i-akhawunti yakhe ye-Twitter isingethwe ngabathile abayizigilamkhuba angazazi ngemuva kombhalo wokuthi uthandana nobulili obufana nobakhe.

Lo nozinti owawina iNdebe yoMhlaba ubhale ku-twitter ukuthi: “Ngiyethemba ukuthi nizosihlonipha isinqumo sami ngingumuntu othandana nobulili obufana nobami,” okwamangaza abalandeli bakhe abaningi. 

Ukwengeza kulokhu owayengukaputeni we-Spain uCarlos Puyol uphendule ngokubhala ku-Twitter: “Sekuyisikhathi sokuxoxa izinto esibhekana nazo Iker.”

Nokho imibiko iveza ukuthi laba ababili abake badlala e-Spain bacabange ukuthi kungaba ihlaya elihle ukuzenza abantu abathandana nobulili obufanayo ukuze badukise abezindaba kubika i-Dario AS.

Kubikwa ukuthi uCasillas wabona kungcono ukudalula ukuthi uthandana nobulili obufana nobakhe ukuze  kuzomisa abezindaba ukuputshuza imininingwane engamanga ngempilo yakhe yothando ngemuva kwesehlukaniso sakhe ezinyangeni ezingu-18 ezedlule.

Lowo owayengunozinti we-Real Madrid ube esebhala ku-Twitter ukuthi i-akhawunti yakhe isingethwe izigilamkhuba futhi uyaxolisa kumphakathi we-LGBTQ+ nganoma imuphi umonakalo owenzekile.

“I-akhawunti igwamandiwe ngenhlanhla yonke into ngikwazile ukuyibuyisa isimweni ngiyaxolisa kubo bonke abalandeli bami. Futhi-ke ngiyaxolisa kakhulu emphakathini we-LGBT.”

“Okwenziwe u-Iker Casillas noCarles Puyol kuyadumaza,” 

“Lolu uhambo olunzima okufanele noma iliphi ilungu le-LGBTQ+ lidlule  kulo. Ukubona abantu abayizibonelo zami emdlalweni webhola behlekisa ngalokhu kuyadumaza kakhulu.”

Owayengumdlali wasemuva we-Liverpool uJose Enrique unxuse laba bobabili ukuthi bavume iphutha labo  kunokuqamba amanga emhlabeni.

Umthombo wesithombe: @iHarare

Izihloko zakamuva