Bavuswe imoto ingena emjondolo wabo

Buziwe Nocuze

Umshayeli okusolwa ukuthi ubedakiwe ushayise umkhukhu e-Khayelitsha ngoLwesihlanu ebusuku washiya intombazanyana (13), iphuke umlenze.

Umndeni ubulele ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi kube phakathi kwamabili ngesikhathi izingane ezine zakwaTolbadi zivuswa umsindo omkhulu wemoto ingena emjondolo wabo. Baphume ngesamagundane.

Umndeni wakwaTolbadi uyabonga ukuthi bonke bayaphila yize lesi sigameko sibashiye dengwane. UNksz Nonceba Tolbadi (48) uthe uphaphame ngesikhathi ezwa izingane zakhe zimemeza zithi ziyafa.

“Bengizumeke ngenye indlela, kangangothi angizange ngizwe ngesikhathi imoto ingena emjondolo wami,” usho kanje.

Uthe ngesikhathi evula amehlo ubone imoto phakathi emjondolo wakhe onamagumbi amabili. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubebhajwe embhedeni wakhe futhi abengakwazi ukunyakaza kuze kwakhishwa imoto.

“Ukube imoto ibivutha ngabe ngishonele ngaphakathi emjondolo,” engeza.

Uthe ubonile ukuthi umshayeli okuthiwa ubehamba nentombi yakhe ubephuzile.

Lesi sigameko asigcinanga ngokushiya lo mndeni dengwane kodwa siphinde sabulala nebhizinisi lawo.

“Bengidayisa inyama kodwa ngeke ngisakwazi ukwenza lokho ngoba iziqandisi ezimbili ebengigcina kuzo inyama zicekeleke phansi kanye nenyama ebingaphakathi futhi ngeke ngikwazi ukuthenga iziqandisi ezintsha,” esho.

Umndeni wakhe ubuthembele emalini abeyenza kuleli bhizinisi njengoba engasebenzi.

“Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku, kodwa sengiyahlupheka vele. Ngixinekile ngoba angikwazi ukuphuma ngiyocela ukudla ngoba wonke umuntu udonsa kanzima,” esho.

UTolbadi akazange avulele umshayeli icala lobugebengu. Kodwa-ke unethemba lokuthi umshayeli uzoba nenhliziyo emnene alungise umjondolo wabo. “Ngifuna akhe kabusha umjondolo wami abuyisele yonke into ayicekele phansi,” esho.

Isakhamuzi sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi akukhona okokuqala ukuthi umshayeli odakiwe acekele phansi umjondolo. “Lokhu kwenzeka ngaso sonke isikhathi, okubuhlungu ukuthi abashayeli bahlezi benikeza izakhamizi izinkinga uma sekuyisikhathi sokuthi balungise umonakalo abawenzile.”

Izihloko zakamuva