Lungi Langa
Abasolwa abane bavele eNkantolo ngoLwesithathu ngamacala okudubula nokubulala abantu abane endaweni yokucima ukoma ebizwa ngeSamkelisiwe eMgungundlovu ngesonto eledlule.
Abasolwa bonke bagcinwe esitokisini kuze kube umhlaka-28 kuNtulikazi njengoba kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Abesilisa abane abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-36 kusolwa ukuthi bangene endaweni yokucima ukoma e-Sweetwaters bavulela ngenhlamvu kubathengi ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko. Abasolwa baboshwe eNhlazatshe eMgungundlovu.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ulincomile ithimba ngokuboshwa kwabasolwa.
Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe ithimba elihlangene ne-Magma Private Security lisebenze ubusuku nemini kuleli cala.
Abasolwa baboshwe phakathi kukaMsombuluko noLwesibili kanti abasolwa ababili batholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-17.
Isikhulu esiphezulu sakwaZulu-Natal se-Liquor Authority uBheki Mbanjwa uthe sisanda kumemezela ukuthi ilayisense yale ndawo yokucima ukoma izomiswa izinyanga ezintathu ngemuva kokutholakala ukuthi umnikazi wale ndawo wephula imibandela yelayisense ethinta ezokuphepha.
Khonamanjalo umnikazi wendawo yokudlela nethaveni iSamkelisiwe, uMbuyiseni Mntambo ujabulile ngokuboshwa kwabasolwa.
“Siyawemukela umsebenzi osuwenziwe ngamaphoyisa. Kusenza sibe nethemba lokuthi maduze bazoshushiswa abenzi bobubi,” kusho uMntambo.