Buziwe Nocuze
Abasolwa abahlanu bavele eNkantolo yeMantshi yase-Wynberg eKapa ngoMsombuluko ngecala lokubulala u-Abongile Mafalala obulewe engenze lutho.
UMafalala obeneminyaka engu-31 engumshayeli we-Uber washaywa, wakhandwa ngamatshe futhi washiswa ngemuva kokuba iqulu labantu base-Parkwood limsole ngokuzama ukuthumba izingane ezimbili ezincane ngaphambi kwalolo suku. Amanye amalungu athwetshulwe eshaya isisulu kanti amanye eshaya imoto yakhe eyishisa.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority e-Western Cape u-Eric Ntabazalila uthe abasolwa abahlanu bavele eNkantolo yeMantshi yase-Wynberg ngamacala okubulala, ukubamba inkunzi esebenzisa isihluku kanye nokucekela phansi impahla.
Icala labo lihlehliselwe uMsombuluko olandelayo ukuze bathole imininingwane yebheyili nokuthi idokodo lithunyelwe ehhovisi le-DPP. Ngaphezu kwalokho ukubambezeleka bekudingeka ukuze kunqunywe ukuthi ngabe kuzoqokwa ummeli waleli cala nokuthi abanye babasolwa bathole abammeli abazimele.
INkantolo yelulekwe ukuthi kusazoboshwa abanye.
Umndeni kaMafalala unethemba lokuthi abasolwa bazotholakala benecala lokumbulala.
Intombi yakhe uZandile Maweza uthe baningi abantu abafike bezokweseka abasolwa ngesikhathi bevela eNkantolo.
“Ukubona abasolwa ababulala isoka lami kwenze igazi lami labila,” kusho uMaweza etshela i-Scrolla.Africa.
Khonamanjalo udadewabo kaMafalala uKhuselwa Mafalala uthe ufuna ukungcwaba umfowabo ngokuthula. Uthe noma ngabe abasolwa abahlanu bazotholakala benecala lokubulala kodwa abanye abasolwa, basazozulazula emphakathini.