Bavaleleke ezindlini izikhukhula zihlasela eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zaseKapa zisebenze ubusuku bonke zizama ukukhipha amanzi ezindlini zazo njengoba zibhekene nemvula engapheli ehlasele kule ndawo kusukela ngoMsombuluko.

Imvula enamandla ishiye imiphakathi dengwane ngesikhathi izikhukhula ezinamandla zivalela abanye abantu ezindlini zabo.

UNolufefe Qokombana wase-Lower Crossroads akakwazanga ukuya emsebenzini ngoba igceke lakhe beligcwele amanzi aphuma emseleni oseduze.

Ekhungathekile futhi ekhathazekile uthe “akekho umuntu okufanele aphile ngale ndlela. Angikwazanga ukuya emsebenzini ngoba amanzi ebegcwele yonke indawo. Sizogula ngoba sisebenza ubusuku bonke sizama ukukhipha amanzi ezindlini.”

UZukhanye Mayaba wasemijondolo yaseSiqala uphoqeleke ukuthi aphume endlini yakhe ebigcwele amanzi.

“Ukuzama ukukhipha amanzi ngesikhathi imvula ina kuwukumosha isikhathi futhi nginengane egulayo. Angikwazanga ukuhlala kuleyo ndlu,” esho. Ukhosele emndenini kwenye indawo.

Ngaphandle kwezinselelo zabo ezikhona njengamanje izakhamizi ezinjengoMabaya nazo zikhathazekile ngempahla yazo.

“Izigebengu zisebenzisa wonke amathuba eziwatholayo ukuze zebe njengoba ziqaphe abantu abaphuma ezindlini zabo ukuze zintshontshe izimpahla zabo.”

Isakhamuzi saseGugulethu esingazidalulanga igama sizwakalise ukukhungatheka sagqamisa iqiniso lokuthi inkinga ayixazululeki.

“Angazi ukuthi kungani abaholi bethu bengasitholi isixazululo kule nkinga. Sikhala ngento efanayo unyaka nonyaka kodwa abaholi bethu abanandaba,” esho.

ULuvuyo Petsana uthe sebekhathele ngabaholi abahambela izindawo zabo ukuze bathole amathuba okuthwebula izithombe.

“Kuyihlazo ukuthi beza lapha bezothatha izithombe abazozifaka ezinkundleni zokuxhumana benze sengathi bayasisiza. 

Abakaze basithathele phezulu. Ngithukuthele,” kusho uPetsana.

Okhulumela i-Disaster Risk Management kumasipala waseKapa uCharlotte Powel uthe umnyango wabo kanye neminye benza ucwaningo ukuze kutholakale ukuthi imithelela ehlobene nesimo sezulu ingakanani kanye nokuhlonza noma yiluphi usizo oludingwa imiphakathi ethintekile.

“Mayelana nemijondolo amathimba azokwenza ukuhlola ezindaweni ezisengozini enkulu aphinde asebenzisane nabakwa-Sassa kanye nabanye ababambisene nezinhlangano ukuze banikeze usizo oludingekayo uma kudingeka.

Abahlali bayelulekwa ukuthi bathinte isikhungo sikamasipala sezokuxoxisana ngezimo eziphuthumayo uma benezimo eziphuthumayo.

Esithombeni esingenhla: Imvula enamandla ekhungathekise izakhamizi eziningi zaseKapa ezisebenze ubusuku bonke zizama ukukhipha amanzi ezindlini zazo 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva