Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Izakhamizi ezithukuthele zase-Alexandra eGoli, ezibhikishela ukungabibikho kukagesi ezingxenyeni ezithile zelokishi, ziphazamise kakhulu izimoto zaphinde zahilizisana namaphoyisa esizindeni sezomnotho waseNingizimu Afrika ngoLwesihlanu.
Bavale imigwaqo esuka e-Sandton iya e-OR Tambo International Airport ngamatshe namathayi avuthayo.
Emasontweni ambalwa edlule, i-Alexandra ibone isibalo esandayo sezakhamizi ezibhikisha emigwaqeni zizwakalisa ukungenami kwazo ngokuhlinzekwa kukagesi. Usuku nosuku kuba nemibhikisho engaphezu kwemithathu ngenxa yokuntuleka kukagesi namanzi kuleli lokishi elidala neligcwele abantu abaningi.
ICity Power ithe ithole izingcingo ezingaphezu kuka-800 ezivela kubahlali base-Alex ngoLwesihlanu kuphela. Uma kubhekwa umlando wokuhlaselwa ngodlame kochwepheshe benkampani e-Alexandra, ithe amathimba alungisa izinsiza zikagesi awakwazi ukusebenza ebusuku kwezinye izindawo.
Izakhamizi zase-Alex bezivala imizila emikhulu exhumanisa abantu kwezinye zezikhungo ezinkulu zomnotho zase-Gauteng.
Umgwaqo i-London Road, phakathi kwe-Sandton kanye ne-OR Tambo International Airport, yiwona othinteke kakhulu.
Izakhamizi ziwuvale ezimpambanweni zomgwaqo u-1st Avenue, ku-13th Street, nasezimpambanweni ezihlanganisa umgwaqo nothelawayeka u-N3.
Ngakolunye uhlangothi lwe-Alex, umgwaqo u-Marlboro Drive no-East Bank Road ibivaliwe, okuvimbe ukungena esiteshini i-Gautrain Marlboro.
Abashayeli bezimoto akade bezama ukujoyina umgwaqo onguthelawayeka uN3 obaxhuma e-OR Tambo osuka eSandton kudingeke ukuthi basebenzise eminye imizila.
Izakhamizi zithi sekuphele amasonto ambalwa zingenawo ugesi, okuphoqe ukuthi zingene emigwaqeni ukuze zithole ukunakwa ngabaphethe.
UJoel Ncube ohlala e-Alex uthe ugcine ukuba nogesi emasontweni amathathu edlule.
“Angisakhumbuli ukuthi ngigcine nini ukupheka ekhaya. Ngigeza ngamanzi abandayo ekuseni ngiye emsebenzini ngibuye kungekho gesi,” esho.
IKhansela uTefo Raphadu wakuWadi 105, ehlanganisa indawo lapho kukhona isiteshi sesitimela i-Marlboro Gautrain, uthe abantu bakhungathekile ngoba babuya bekhathele bevela emsebenzini bathole ukuthi abanawo ugesi.
Yize ingqalasizinda kagesi yakuleli lokishi isindala futhi isetshenziswa ngokweqile, uRaphadu unxuse izakhamizi ukuthi zisebenzise ugesi ngokuwonga.

“Siba nogesi ofanayo ehlobo nasebusika. Kodwa ngenxa yokuthi siwusebenzisa ngokweqile siba nezinkinga njalo ebusika,” usho kanje.
Umholi womphakathi uVincent Ndima utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imibhikisho ngeke ixazulule lutho. “Abantu abafanayo ababhikishayo yibona abafaka ingcindezi ohlelweni lukagesi.”
Uthe abantu abaningi baselokishini bakhe izakhiwo ezingagunyaziwe noma ezingahambisani nemithetho yedolobha.
“Baningi abantu abaxhume ugesi ngokungemthetho ezakhiweni zabo ezingekho emthethweni nokuyinto efaka ingcindezi ohlelweni,” kusho yena.

Esithombeni ngenhla: Ababhikishi bexabana namaphoyisa e-Alexandra, kwashiswa isiteshi esincane.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga