Joseph Chirume
Njengoba umnotho wase-Zimbabwe uqhubeka nokubhidlika abahwebi bemali bazuza inzuzo eningi ngokukhokhela abantu ingxenye yedola laseMelika elingenamandla.
Abantu base-Zimbabwe bebesebenzisa idola labo kodwa le mali isiphelelwe amandla okwenza uhulumeni avumele ukusetshenziswa kwedola laseMelika ngombandela wokuthi abahwebi baqhubeke bamukele imali yase-Zimbabwe ebuthakathaka.
Iningi labantu base-Zimbabwe abayihambisi imali ebhange ngoba lisabela ukuthi amabhange azobakhokhela ngemali yasezweni labo esikhundleni sedola laseMelika ngisho nabanikazi bezitolo bafuna amadola aseMelika ngoba imali yakuleli ayinawo amandla.
Kuyamangalisa ukuthi abanikazi bezitolo abayamukeli imali yasezweni labo, kodwa bafuna imali yedola laseMelika okunzima ukuyithola.
Labo abashintsha imali sebezibonele ithuba ngokushintsha imali endala kodwa bakhokha ingxenye yenani layo.
Odabuka e-Zimbabwe uMnu John Manyima usanda kuthola ubunzima ekuguquleni idola elidala le-USD100 ukuze akhokhele ibhasi ukuza kwelakuleli.
Imali yakhe ibingafuneki ngisho nasezitolo e-Harare ngoba isindala. Uthe wagcina enikezwe u-50% ngumhwebi wemali.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “akulula ukushintsha imali endala yase-Zimbabwe ngoba izitolo zifuna amadola aseMelika.
Abantu bagcina bethole uhhafu wemali yabo ngenxa yokuthi ayikho enye indlela abangenza ngayo.”
UJohn Nyimo osiza abantu abawela imingcele, uthe ukhokhisa u-40% ngokushintsha.
Uchitha isikhathi e-Harare naseGoli eshintsha imali.
“Umnotho wase-Zimbabwe ubhidlika masinyane futhi abantu sebenonya,” kusho uJohn.
Bayayinqaba imali endala ngokuphelele futhi i-USD isibuyile emakethe.”
Uthe abantu badonsa kanzima ukushintsha imalo yabo endala ngoba izitolo zithi aziyifuni.
“Ngiyithemba labo futhi ngithatha u-40% kukho konke okwenziwayo. Ngiyazi ukuthi ngizoyishintsha kuphi imali lapho okungakhokhwa khona ikhomishini. ”
Kodwa ummeli waseMelika e-Zimbabwe usukhuthaze abahwebi ukuthi bemukele imali endala.
Esitatimendeni sithe inqubomgomo yabo ihlanganisa zonke izinhlelo ze-Federal Reserve notes kusukela ngo-1914 kuze kube manje.
“Inqubomgomo kahulumeni waseMelika ithi yonke imali ye-US Federal Reserve esemthethweni isebenza noma ikuphi kungakhathaliseki ukuthi ikhishwe nini.”
Uhulumeni wase-Zimbabwe usanda kubopha abanikazi bezitolo abaningi abangafuni ukwamukela idola lase-Zimbabwe. Bebesolwa ngokwephula umthetho we-Bank Use Promotion Act.