Bathwele kanzima abasubathi abanobulili obuhlukile

Dylan Bettencourt

Ingxabano ezungeze abagijimi besifazane ababizwa ngokuthi abasubathi be-intersex ibhekwe ngabomvu kwi-World Athletic Championships njengoba bekuyibo abagijima kakhulu kunabo bonke emjahweni owandulela owamanqamu we-200m yabesifazane.

UCaster Semenya wakuleli waba ngumsubathi wokuqala ukubizwa njengomsubathi onobulili obuhlukile kulandela ukudlala kwakhe okumangalisayo ku-800m eminyakeni eyishumi edlule.

I-World Athletics yethula imthetho evimbela abesifazane abanamazinga aphezulu e-testosterone ukuthi bangenele umjaho ka-400m kuya ku-1,500m.

Le mithetho yasungulwa ngo-2019 futhi isavumela abasubathi ukuthi baqhudelane emiqhudelwaneni yabo, kodwa kuphela uma bezimisele ukuphuza amaphilisi ehlisa i-testosterone.

Lokhu kuphoqe abasubathi abaningi abagijima u-400m ukuthi bangene emjahweni ka-200m okuyiwona ongcono.

UBeatrice Masilingi wase-Namibia ongumsubathi ongena ngaphansi kwalabo abathathwa njengabanobulili obuhlukile wangenela umjaho wamanqamu kuma-olimpiki nyakenye wawina umjaho wakhe ngemizuzwana engu-22.27.

U-Aminatou Seyni wase-Niger naye onesimo esisodwa wamangaza abantu ngokusheshe aqede kunabo bonke abahlungelwe isikhathi esingu-21.98.

UMengameli we-World Athletics uLord Sebastian Coe uthe imithetho ye-testosterone isazobuyekezwa.

Kuma-olimpiki e-Tokyo nyakenye omunye umsubathi uChristine Mboma waphula wonke amarekhodi amancane emjahweni wakhe ngaphambi kokuphuma isibili kowamanqamu we-100m kwabesifazane.

UMboma akekho kuma-World Championships alo nyaka ngenxa yokulimala.

UCoe uthe inhloso ye-World Athletics ukuba nesinqumo esizofaka wonke umuntu wesifazane kulo mncintiswano kungabi khona ovaleleka ngaphandle.

Yize abanye abasubathi abathathwa njengabanobulili obuhlukile bengene kumqhudelwano ka-200m, kodwa uSemenya ukuthole kunzima ukujwayela lokho.

Lo mdlali wakuleli uzongenela umjaho wabesifazane ku-5 000m ngokuhamba kwesikhathi kulo mqhudelwano ozobe use-Oregon eMelika.

Umthombo wesithombe:@TheTelegraph

Izihloko zakamuva