Bathwele kanzima abaqeqeshi bakuleli abaqeqesha ibhola lombhoxo e-Russia

Dylan Bettencourt

UDick Muir noGrant Bashford, ababengabadlali bebhola lombhoxo bama-Sharks baphinde babe ngabaqeqeshi bebhola lombhoxo lase-Russia, bahlukunyezwa isenzo  se-Russia sokuhlasela i-Ukraine.

Womabili amaqembu ebhola lombhoxo e-Ukraine nawase-Russia asebenzise indawo yokuqeqesha efanayo ese-Turkey ngesikhathi impi iqala ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

UMuir, owayeyiphini lomqeqeshi wamaBhokobhoko, unikezwe umsebenzi wokuvuselela iqembu leBhola Lombhoxo lase-Russia ezinyangeni ezimbili ezedlule nomqeqeshi uBashford eceleni kwakhe.

“Besinethemba lokuthi kukhona isivumelwano esingasigcina uma sidlala kodwa lokho akwenzekanga. Lokhu kuletha ukudumala okukhulu kubadlali base-Russia njengoba benze umzamo omkhulu ekuguquleni indlela abadlala ngayo,” kusho uMuir etshela i-Independent Media.

“Bayashesha ukufunda kakhulu kulokho ebesibafundisa khona futhi bekunenkolelo yokuthi singayihlula i-Georgia okokuqala ngqa eminyakeni engu-29.”

Njengoba isinqumo somhlaba sebhola lombhoxo siza emasontweni ambalwa ngaphambi kokuthi badlale ne-Georgia  baphinde baqhudelane kwi-Rugby Europe Championship, uBashford ubuyele eNingizimu Afrika ngesikhathi uMuir elinde isinqumo somqashi wakhe sokuthi kufanele abhekise amabombo e-Moscow yini ayosiza emaqenjini amancane ase-Russia ebhola lombhoxo. 

UMuir uthe ukujezisa abadlali ngezinqumo ezithathwe osopolitiki akulungile.

“Abantu abaqondi ukuthi le mpi imayelana nani. Into yepolitiki. Ayikho ngabantu abajwayelekile. Kunabantu abanamalungu omndeni kuwo womabili la mazwe,” kusho uMuir.

Uqhube wathi bathathe umsebenzi ngoba likhulu ikhono eqenjini. Uthe Abadlali bahambisana nabo kahle ezinguqukweni abazenzile yena noBashford.

“Leyo bekuyinjabulo yokuthatha lo msebenzi,” kusho lo mqeqeshi.

“Abadlali base-Russia basesimweni esifanayo nesaseNingizimu Afrika. Bajimile futhi bathanda ukubhekana ngqo namanye amaqembu.”

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva