Bathwele kanzima abafundi baseKZN abangenakho ukudla ezikoleni

Lubhalwe nguMlungisi Gumede noCelani Sikhakhane

IziMeya ezingxenyeni ezithile zaKwaZulu-Natal sezizibophezele ngokondla abafundi basezikoleni zamabanga aphansi naphezulu ngemuva kokubhidlika kohlelo olujwayelekile lokulethela izingane ukudla ezikoleni zikahulumeni.

Uhulumeni oholwa yi-ANC esifundazweni usushintshe abahlinzeki ababhekelela ukudla kwezingane zesikole.

Abahlinzeki abakhethwe uhulumeni bashiye abafundi abangaphezu kuka-5,000 abavela emakhaya ampofu bengenakho ukudla selokhu zavulwa izikole ngemuva kwekhefu lePhasika.

Abafundi bathwele kanzima njengoba bephuma emakhaya bengadlanga ukudla kwasekuseni ngethemba lokuthola ukudla okuphekwe esikoleni.

Njengoba isimo sishuba, izimeya zamaqembu aphikisayo ziphakela abafundi.

Abafundi bezikole ezahlukene esifundazweni kusukela ngeledlule bebefunda bengenalutho esiswini. 

Indaba yohlelo lokudla ezikoleni isiphenduke usizi njengoba izinkulungwane zabafundi esifundazweni zibhekane nendlala.

IMeya ye-DA kuMasipala waseMngeni, uMnu Chris Pappas isimemezele ukuthi umkhandlu wayo uzosebenzisana nezinhlangano ezizimele ukuze kuxazululwe le nkinga.

“Sibeke u-R70 000 wokungenelela kwesikhashana ukusiza izikole zikahulumeni  ngokudla. Kuyadabukisa ukuthi uhulumeni waseKZN usaqhubeka nokudlala ngezimpilo zezingane zabantu abamnyama,” kusho uPappas.

“Lokhu kubuhlungu ngoba kunezingane zasemakhaya bezasemalokishini ezilala zingadlile.”

IMeya ye-IFP kuMasipala waseJozini uMnu Mfananaye Mathe umemezele ukuthi sebekhiphe u-R3 million ukusiza ngokusabalalisa ukudla ezikoleni zakuleli.

“Ukungenelela kuzonwetshwa nasezikoleni zasebusika ukuze kusizwe lezo zingane ezizofunda ezikhungweni zokuqeqeshelwa umatikuletsheni,” kusho uMathe.

Isikhala ngokuqashwa kwenkampani eyodwa ezosebenzela isifundazwe sonke siqale ngonyaka odlule kanti ithenda yakhangiswa ngemuva kokukhethwa kobuholi obusha be-ANC e-KZN.

UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnu Bheki Mtolo uthe iqembu selingenelwe izikhalazo ezivela kubantu abakhathazekile ngale nkinga.

“Izikhalazo ezivezwe ngabathintekayo ziyisifiso sokuba yingxenye yemizamo yokuthola izisombululo ezizohlala isikhathi eside ukuze kusizakale abafundi nesifundazwe,” kusho uMtolo.

“Sifisa ukudlulisa ukuxolisa kwethu kubafundi, abazali nabo bonke abantu ba-KwaZulu-Natal.”

Uthe ngesikhathi kwethulwa lezi zinhlelo zokuphakela abantu ukudla eminyakeni edlule, kwakuhloswe ukugwema indlala equbulwe ukunyuka kwentengo kaphethiloli nokudla.

UMtolo uthe bayakubona ukugxekwa okwenziwa abaholi bamaqembu ezepolitiki kwiSishayamthetho nangaphandle.

“Amalungu awo wonke amaqembu ezepolitiki aselusukumele phezulu lolu daba.”

Isithombe esingenhla: UChris Pappas

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva