Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isikole samabanga aphansi iSindawonye Primary School ibisebenzisa ibhasi elidala njengegumbi lokufundela endaweni yase-Elandgoring farm ngasekupheleni kwase-Kariega e-Eastern Cape.
Lo mhlahlavu webhasi uyaconsa uma kunetha liphinde libange umsindo uma kunomoya.
Abafundi baningi kakhulu ohlangothini olulodwa lwaleli gumbi elinezitulo kanye namadeskhi ahlephukile futhi angaphelele.
Abafundi bathi emagumbini abo okufunda kungena izinyoka nezinkawu, omunye wabafundi uncokole ngokuthi inkawu yabaleka nomphako wakhe.
“Ngelinye ilanga inkawu yangena ngewindi yantshontsha umphako wami,” kusho omunye wabafundi obegqoke ijezi elidabukile.
Amakilasi ayisithupha aphoqelekile ukuthi asebenzise amagumbi amabili ezingane kusukela ku-gradeR kuya ku-grade4. Lesi sikole sinabafundi abangu-86, abayisikhombisa abanazo izitifiketi zokuzalwa futhi baphila ngamanzi emvula nogesi abanawo.
Abazali bathe ngosizo lwe-Uitenhage Dispatch Taxi Association, bakwazile ukuhlela ukuthi uPetros Majola oyisishoshovu samalungelo ezingane oqhamuka kwi Khula Development project akwazi ukuyohlola isimo, okuyikhona okunyakazise uMnyango wezemfundo e-Eastern Cape.
Isifiso sethu ukuthi kwakhelwe izingane zethu isikole, kodwa umnyango wezemfundo ukhethe ukusivala wase uthuthela izingane kwesinye isikole.
“Okubalulekile nje ukuthi izingane zethu zizophepha esikoleni esisha ngoba besihlale sikhathazekile ngokuthi ngelinye ilanga leli bhasi lizogingqika nezingane zethu,” kusho umzali.
UMajola uthe kuyamjabulisa ukuthi umnyango kukhona okwenzayo ngalesi sikole.
“Izingane akufanele zifundiselwe endaweni enjengale,” esho.
UThishomkhulu wesikole wale waphetha ukukhuluma nabezindaba wabadlulisela kokhulumela uMnyango wezemfundo uMalibongwe Mtima, ochazile ukuthi kungani isikole singeke sakhiwe kule ndawo.
“Okokuqala lesi sikole sakhiwe endaweni engafanele, uMnyango ngeke ukwazi ukwakha isikole kule ndawo,” kusho uMtima.
Kodwa uthe lesi sikole besingeke sikwazi ukuqhubeka sisebenze, ngoba sinabafundi abangaphansi kuka-100. Uthe uMnyango uthathe isinqumo sokubayisa kwesinye isikole esiseduze abafundi.
Esithombeni esingenhla: Abafundi baseSindawonye Primary School beme eduze kwegumbi labo lokufunda eliyibhasi
Umthombo wesithombe: @Anita Dangazele