Bathunjwe beyolanda isidumbu sikamzala wabo emakhazeni

Everson Luhanga

Abesilisa abathathu nowesifazane bathunjiwe bagcinwa ndawana thize eGoli lapho befike khona  bafunwa imali.

UClaudio Takawiro ubesuka e-Limpopo esendleleni eya ePitoli eyolanda isidumbu sikamzala wakhe oshonile.

Ngemuva kokulanda isidumbu ePitoli, uTakawiro ube esehlela ukubuyisela umzala wakhe emndenini wakhe e-Zimbabwe.

Kunalokho, uthi yena nabanye abagibeli abathathu bagcine bethunjiwe.

Ngesikhathi bedlula e-Musina endaweni yase-Limpopo, uthi ubonile ukuthi itekisi ayizange ijike emgwaqeni obekumele ijike kuwo, ivele yangena komunye ongayi lapho beyakhona.

Umshayeli nozakwabo ngaphambili basitshele ukuthi bazojika kodwa abakwenzanga lokho. Kwase kwasuka ingxabano.

“Amadoda asishintshela aqala afuna imali sasale simangele ukuthi kwenzalani,” uTakawiro etshela i-Scrolla.Africa.

Bathathe imali engango-R5,700, kusho uTakawiro.

Ngemuva kwalokho basiyalele ukuthi sifake zonke izinto zethu kanye nomakhalekhukhwini bethu kupulasitiki base beqala ukufonela izihlobo zethu.”

UTakawiro uthi babe sebethathwa e-Musina bayiswa egumbini elingaphansi kwebhilidi elingcolile e-Hillbrow, eGoli.

“Bekumnyama kakhulu futhi ngesabela impilo yami.”

Izisulu zichazele amaphoyisa ukuthi zishaywe kanjani ngesikhathi abasolwa bezitapela imali engaphezulu kuka-R15 000 emndenini yabo.

UTakawiro uthi umndeni wakhe ubusamlindile ukuthi abuyele ekhaya nomzala wakhe.

“Umndeni nalowo oshayela imoto yezidumbu bamangele ukuthi ngehlelwa yini njengoba kwaphazamiseka ukuxhumana kwethu ngemuva kokuba abasolwa bathathe umakhalekhukhwini wami,” kusachaza uTakawiro.

Esinye isisulu, uNksz uMaphis Muneri, uthe uvele wazumeka endleleni uma ephaphama waqaphela ukuthi usezofika eGoli.

Laba besilisa bebenolaka futhi benonya. Bangishaye ngezimpama ezimbili bangishiya ngiphuma igazi emlonyeni.

Laba besilisa babe sebethatha imali engaphezu kuka-R6 000,” kusho uMuneri.

I-Scrolla.Africa ihlangane nezisulu ngesikhathi zidedelwa e-Hillbrow, yahamba nabo baya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala.

Kungakapholi maseko, okhulumela amaphoyisa ase-Hillbrow usayitsheni uMduduzi Zondo uthe amaphoyisa aphenya amacala okuthumba nokuqola abantu imali.

Uthe abasolwa abathathu baboshiwe kanti oyedwa usagcwele izinkalo.

Izihloko zakamuva