Celani Sikhakhane
Amalungu ezokuPhepha koMphakathi esiShayamthetho sase-KZN akhathazekile ngokungabonakali kwezikhulu ezimbili ezibalulekile emihlanganweni yokukhuluma ngesibhicongo sase-Phoenix.
UGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, ukhomishani wamaphoyisa esifundazweni, kanye noPeggy Nkonyeni, uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, bekumele bahambele umhlangano emasontweni amabili edlule e-Chatsworth, lapho obekuzokhulunywa khona ngezibhicongo ezenzeka ngenkathi kubulawa abantu e-Phoenix.
Noma kunjalo, abakaze bafike.
Omunye umhlangano obucayi ububanjwe ngesonto eledlule ngobuchwepheshe be-intanethi futhi laba bantu ababili bezombusazwe ababhekele ezokuphepha esifundazweni bebengabonwa nangokhalo.
UMkhwanazi ubuye asolwe ngokucekela phansi amalungu ekomidi ngokwehluleka ukuza emhlanganweni wabo ukuzophendula ngodaba lwesibhicongo sase-Phoenix.
Amalungu e-EFF nawe-ANC kuleli komidi atshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakhungathekile.
Ilungu lekomidi le-ANC lithe uMkhwanazi ubehluleka ngisho ukuphendula imibuzo ngabashoshozeli.
“Simbuze ukuthi kungani i-KZN inabantu ababili kuphela ababoshelwe lezi zinxushunxushu. Uphinde walunywa indlebe ngeqembu le-WhatsApp ebelihlela lezi zinxushunxushu, kodwa akazange enze lutho,” kusho ilungu le-ANC.
UMnu Vusi Khoza we-EFF uthe uMkhwanazi uyazikhukhumeza.
“Akayihambeli imihlangano yethu yephothifoliyo. UNgizwe Mchunu nomunye umlisa waseMnambithi yibona kuphela ababoshiwe. Kodwa abashoshozeli bangempela bazulazula emigwaqeni. Abanye bebesemavidweni abhebhezela udlame kodwa akekho noyedwa kubo oboshiwe. UNgqongqoshe uNkonyeni ukhombisile ukuthi akakulungele ukuhola lo Mnyango,” kusho uKhoza.
Okhulumela uNkonyeni, uThuba Vilane, uthe uNgqongqoshe akakaze ayichithe imihlangano.
“Ubematasa nodaba lwase-Phoenix isikhathi eside kakhulu. Umhlangano owodwa angakwazanga ukuya kuwo ubuse-Chatsworth kodwa wathumela inhloko yomnyango nezinye izikhulu ukuba bayommela,” kusho uVilane.
Okhulumela amaphoyisa e-KZN uColonel Thembeka Mbhele uthe uMkhwanazi uzodinga isikhathi esithe xaxa ukuze aphendula.