Bathole uphahla abasuswa ezindlini ngesendebe yomhlaba ka-2010 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Babalelwa ku-200 abantu – okuhlanganisa nalabo abakhahlanyezwa izikhukhula ezihlasele kaningi eThekwini – asebechithe iminyaka kolindela emva kokususwa ezindlini zabo.

UThembani Nxumalo uyingxenye yemindeni eyasuswa esigcemeni sakwa-D eMlazi ukuze kufakwe ubhazabhaza we-Fifa Big Screen eduze kwenkundla yezemidlalo iKing Zwelithini.

“Abanye abantu bashone bekhala ngezindlu njengoba sonke sasuswa sayiswa kulezi zindawo zesikhashana ngaphandle kokunakwa,” esho. 

Ngaleso sikhathi satshelwa ukuthi sizohlala izinyanga ezimbalwa lapha kwathiwa sizothuthelwa ezindlini ezintsha e-Lamontville.

“Ngeshwa konke lokho bekuyiphupho elingafezekanga.”

Ngezikhathi zezimvula babelala obenyoni ngoba amanzi ayedala umonakalo ezindaweni abathuthelwa kuzo. Babhikisha bephindelela ngenxa yesimo esingesihle sokuhlala kolindela eSiphingo.

Abanye bathi umasipala uwubanakile ngoba bedla imbuya ngothi.

Kodwa ngoLwesibili uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uthe laba bantu bazofakwa ezindlini zabo.

Babalelwa ku-700 abantu okulindeleke ukuthi bahlomule ohlelweni olusha lwezindlu eSiphingo.

UKubayi uthe abanye abantu sebefakiwe ezindlini, wengeza ngokuthi nabanye bazolandela kuleli sonto.

Esithombeni esingenhla: Amanye amakhempu eSiphingo lapho kuqobe khona abasuswa ezindlini zabo ngesikhathi kuthuthukiswa izindawo ngesikhathi sendebe yomhlaba ka-2010.

Umthombo wesithombe: I-Rising Sun

Izihloko zakamuva