Bathole ukusongelwa abadlali base-Nigeria ngemuva kokuphuma kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi i-Algeria ne-Ivory Coast bekhishwa kweye-Afcon, i-Nigeria iphenduke izintandokazi  ukuphakamisa indebe. Kuthe uma sebeba iqembu elilandela ukukhishwa ngendlela eshaqisayo, abalandeli abaningi bebhola lezinyawo ezweni lonke bakhiphela intukuthelo yabo kubadlali.

Unozinti uMaduka Okoye uthwale kanzima ngokuhlukunyezwa  ngabalandeli abaze bafisela yena nabathandiweyo bakhe ukufa.

Abanye abalandeli abaningi basole lo nozinti ngokulungisa umdlalo.

U-Okoye ushiywe engenakho ukuzikhethela ngaphandle kokucisha konke ukuphawula kuma-akhawunti akhe ezokuxhumana.

U-Alex Iwobi we-Everton naye wahlukunyezwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu ngemuva nje kokungena enkundleni. Iningi labalandeli bebhola lavumelana ngokuthi isinqumo sikanompempe sasinehaba, kodwa lokho akuzange kuvimbele abaningi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bathumele bagxeke u-Iwobi.

Lo mgadli we-Everton ususe konke akubhale ku-Instagram wabe esexolisa kubalandeli be-Super Eagles.

Ngesikhathi somqhudelwano, Uumqeqeshi omkhulu u-Augustine Eguavoen uthe abalandeli base-Nigeria kumele bafunde izindlela zokumelana nokuphoxeka.

“Abantu kumele baziphathe kahle futhi bangaguquli ukuphoxeka kwabo kube inkulumo enenzondo kanye nezinsongo ezibhekiswe kubadlali,” kusho u-Eguavoen etshela i-Al Jazeera.

Ukuphuma kwe-Nigeria emzuliswaneni wamaqembu angu-16 bekungokokuqala kusukela ngonyaka ka-1984. Ayikaze yehluleke ukufinyelela esigabeni sokugcina se-Afcon kusukela ngalowo nyaka.

UMoses Simon ocija i-Eagles uthe abalandeli kumele bakhumbule ukuthi abadlali nabo bangabantu.

“Uma uthuka noma usongela umuntu, kuyamehlisa futhi kuba nomthelela omubi,” kusho lo mdlali we-Nantes.

U-Eguavoen uthe namanje usahlukunyezwa ngenhlawulo yesikhathi esengeziwe ayithole bedlala ne-Italy kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA yonyaka ka-1994.

Umthombo wesithombe: @AceFootball

Scrolla World Cup Quiz