E-Busua edolobheni elincane elidume ngokudoba ogwini lolwandle i-Atlantic Ocean e-Ghana, ukuntweza emanzini kuyinselelo ezimisweni zendabuko zobulili futhi kuguqula izimpilo zamantombazane endawo.
Indaba ethwetshulwe abenzi bamafilimu uBen Lalande noSarah Hughen ikhombisa ushintsho olukhulu kulo mphakathi.
Ngokwesintu amantombazane ayengakhuthazwa ukujabulela ubumnandi basebhishi ngenxa yobungozi bolwandle kanye nezinto ezilindelwe ngokwesintu emphakathini.
Indawo yokuntweza emanzini e-Busua ibigcwele abesilisa kuze kube muva nje. Kodwa izinto ziqale ukushintsha ngesikhathi uJustice Kwofie ophethe isikole sokuntweza emanzini nabafowabo eqala uhlelo lwe-Black Girls Surf.
Lolu hlelo luhlose ukufundisa amantombazane ukubhukuda nokuntweza, ukuqeda ukwehlukaniswa ngokobulili kanye nokuwanikeza umuzwa wenkululeko, kubika i-BBC.
UVanessa Turkson, omunye wabahlanganyeli bohlelo ukhumbula ngesikhathi ejeziswa umama wakhe ngokuntweza emanzini kodwa manje uyamoyizela uma ekhumbula lokhu.
Lolu hlelo alugcini ngokufundisa amantombazane ukuntweza emanzini. Luphinde lubafake inkolelo yokulingana ngobulili kanye nekhono labo lokulandela imisebenzi ngokwesiko ebeligcinelwe abafana nabesilisa.
Ukuntweza emanzini nakho kulethe ushintsho oluhle kwezenhlalo e-Busua. UKwofie ubika ngokwehla kwamazinga okukhulelwa kwentsha selokhu kwasungulwa I-Obibini Club – okuwukuphela kweqembu lokuntweza labesifazane e-Ghana.
Iqembu linikeza abesifazane abasebasha indawo yokuzijabulisa, ukudlala nokufunda kanye nokwakha umphakathi owesekayo.
Ifilimu nezithombe zendawo yokuntweza emanzini yase-Busua zithole ukunakwa kwamazwe ngamazwe, okusiza ukuqoqa izimali zemishini, izifundo zokuphepha kanye nezinhlelo zemfundo.
USandy Alibo ongumsunguli we-Surf Ghana ugcizelela ukuthi okuntweza kunamandla okungenisa imali kwenza kubaluleke ekwamukeleni umphakathi nokushintsha imibono, ikakhulukazi mayelana neqhaza labesifazane.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: Abesifazane abantweza emanzini e-Ghana.
Umthombo wesithombe: X