Bathole ibheyili abasolwa ngokuntshontsha imali yakwa-Sassa engu-R260 million

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abasolwa abayishumi abasolwa ngokuqola u-Sassa u-R260 million bathole ibheyili ephakathi kuka-R10 000 no-R30 000 umuntu ngamunye.

Abasebenzi abayisikhombisa bakwa-Sassa kusolwa ukuthi benza amaphrofayili omgunyathi ukuze bantshontshe imali ehloselwe abantu abampofu.

Bathole ibheyili ephakathi kuka-R10 000 no-R30 000 abasolwa ngokweba u-R260 million eNkantolo yeMantshi yase-Lensia ngoLwesine.

Umsolwa wokuqala nowesibili bathole ibheyili ka-R10 000 kwathi umsolwa wesine u-Ebenezer Telahyn wase-Ethiopia wanqatshelwa ibheyili kanti usazogqunywa esitokisini samaphoyisa.

Leli qembu kusolwa ukuthi lasebenzisa amakhadi omgunyathi ukuze likhiphe imali yabantu abampofu.

Babhekene namacala okukhwabanisa, ubugebengu be-cybercrime and fraud.

Abasolwa abayisikhombisa abasebenza kule nhlangano kusolwa ukuthi benza amaphrofayili omgunyathi.

Umbuso uthi kusolakala ukuthi u-R4 million wafakwa kuma-akhawunti omgunyathi kanti amaphrofayili asetshenziswa ukukhipha izizumbulu zemali ezindaweni okuholelwa kuzo abakwa-Sassa.

Ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili abammeli babamangalelwa bathe abasolwa abayona ingozi emphakathini futhi ngeke babaleke uma sebeyitholile ibheyili ngoba sebewakhiphile amapasi.

NgoLwesibili inkantolo izwe ukuthi abanye abasolwa bebesabisa amalungu ethimba labaphenyi.

Encwadini efungelwe efundwe enkantolo, uMshushisi uTumelo Maunye uthe izikhulu zabasolwa zisekhefini ngaphandle kokuholelwa.

“Uma inkantolo ibanikeza ibheyili ngeke bakwazi ukungena emahhovisi akwaSassa futhi bazomiswa,” usho kanje.

Udaba lwesihlanu luhlehliselwe umhlaka-2 kuMandulo.

Esithombeni esingenhla: Umsolwa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva