Bathi imfundo akuyona kuphela indlela eya empumelelweni

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

Izinombolo zezimoto ezenzelwe umuntu siqu ziyangenisa kuleli kodwa ebubeka ihamba phambili kakhulu elena ethi-no degree GP.

Abantu bathenga izimoto futhi bazibhalisa ngezinonbolo ezithandwa yibo ezinomyalezo wokuthi abazidingi iziqu ukuze baphumelele.

Nakuba abanye bewuthola uwugqozi lo mkhuba abanye banomuzwa wokuthi uyabadumaza kulabo abafisa ukuqhubekisela imfundo yabo phambili.

UJafta Sithole ongomunye onemoto enenombolo engagqugquzeli ukuba neziqu uchaze ukuthi inhloso yakhe bekungekona ukudikibalisa muntu kodwa ukugubha impumelelo yakhe ngaphandle kweziqu.

Ukholelwa ekutheni impumelelo ingatholwa ngezindlela ezahlukene nokuthi akuwona wonke umuntu okufanele asebenzele ukuphila kamnandi ngemfundo ephakeme.

USithole wenze isibonelo ngomrepha ophumelele uCassper Nyovest ongasiqedanga isikole egcizelela ukuthi imfundo akuyona yodwa indlela eya empumelelweni.

UPhumeza Nkuna uzwakalise ukungenami kwakhe ku-Facebook waphikisana nalezi zinombolo zezimoto ezigqugquzela ukungabi neziqu.

Uthi bakhuthaza abantu ukuthi bayeke imfundo nokuyinto akholelwa ekutheni ibalulekile kubantu abaningi. Ufisa sengathi lo mkhuba ubungekho emthethweni.

Ngakolunye uhlangothi uSabelo Mthembu uyakuqonda ukuthi kungani umuntu engakhetha ukubhala izinombolo ezinjalo emotweni.

Uphakamisa ukuthi kuleli ukuxhumana nokwazi abantu kuvame ukudlala indima ebalulekile futhi imfundo ayiqinisekisi impumelelo ngaso sonke isikhathi.

Ngokusho kokhulumela abakwa-JMPD uXolani Fihla izinombolo zemoto zomuntu siqu zisemthethweni futhi zivumelekile inqobo nje uma zihambisana nezidingo zamalayisensi futhi zibhaliswe ngokusemthethweni.

Esithombeni esigenhla: Inombolo yemoto egqugquzela ukungabi neziqu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva