Bathelwe induku abasolwa ngokuntshontsha izintambo zikagesi 

Lubhalwe nguZavela Makwabe

Ngesikhathi amasela amabili abafana abasebasha bentshontsha izintambo zikagesi ze-copper ezingamamitha angu-12 esibhedlela iCecilia Makiwane eMdantsane ngeledlule abacabanganga isiphithiphithi ebesizobakhona.

Ukuntshontshwa kwalezi zintambo kubangele ukunqanyulwa kukagesi izikhathi eziningi esibhedlela, nokubeka iziguli ezigula kakhulu engozini.

Abantu abagula kakhulu badinga ama-ventilators ukuze bahlale bephila.

Izingane eziningi ezisanda kuzalwa ezibuthaka zithembele emishinini esebenza ngogesi ukuze kugcinwe izinhliziyo zazo zishaya.

Ngakho-ke, ngesikhathi onogada bezwa ukuqhuma ngaphandle kwesibhedlela ngoLwesibili bagijimele endaweni yesigameko babona abafana ababili begxuma ngaphandle kothango, begaxe izintambo zethusi entanyeni.

Bekungokwesibili esikhathini esingaphansi kwesonto ugesi wesibhedlela uphazamiseka. Ugesi wangoLwesihlanu odlule uthathe amahora ukuthi ubuye futhi ubungabangelwanga ukucishwa kukagesi okujwayelekile. 

  • Kulokhu umphakathi waseMdantsane obidinwe uveva ungene emgwaqeni. Bahlonze izigilamkhuba ngemuva kokubona ividiyo ezinkundleni zokuxhumana yabafana ababili bezishaya isifuba ngokuthatha izintambo esibhedlela.

Akubathathanga isikhathi eside ukubamba abasolwa. Isixuku sishaye oyedwa washona omunye ungene esibhedlela. Ugadwe amaphoyisa kuze kube uyalulama ngokwanele ukuthi angaboshwa.

Umnyombo wale nhlekelele umnikazi we-scrapyard, ngokusho komphakathi othukuthele oshaye abafana ababili abasolwa ngokuba ngamasela.

Owesifazane ophethe i-scrapyard ubebandakanyeka ngokuthenga izintambo ezintshontshiwe kanti lokho kumngenisele amanzi ngomsele.

Ngempelasonto amalungu omphakathi azame ukushisa umuzi wakhe. Kuze kwalamula amaphoyisa abopha lona wesifazane ngokuthenga izintambo ezintshontshiwe.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Thembinkosi Kinana ukuqinisekisile ukuthi onogada basesibhedlela babone abafana ababili beqa uthango lwesibhedlela ngemuva kokuqhuma okukhulu esibhedlela saseMdantsane ngoLwesibili olwedlule.

Amathuluzi okuhlanganisa isibambo sepiki nefosholo abonwe endaweni yesigameko futhi cishe amamitha angu-12 entambo ebintshonsthiwe.

Kuthe kungakapheli sikhathi esingakanani umsebenzi wakulesi sibhedlela evule icala ngoLwesine, amaphoyisa athole ulwazi lokuthi amalungu esigungu somphakathi abophe abafana ababili abasolwa ngokuntshontsha amakhebuli.

Amalungu abelungiselela ukuthungela indlu ngomlilo, kodwa amaphoyisa athunyelwa ekhelini kungakenzeki lutho.

Uthe kumanje amaphoyisa aphenya icala lokucekelwa phansi kwengqalasizinda nokuntshontshwa kwamakhebuli kagesi.

Emhlanganweni obungeSonto umphakathi unqume ukuthi kuvalwe wonke ama-scrap yards endaweni yaseMdantsane ukuze kungaphinde kwenzeke le nhlekelele.

Isithombe esingenhla: Abasolwa ababili ngemuva nje kokubanjwa iqulu labantu

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva