Bathe bacela abasize kanti bayomsoconga

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Induna uSqumfe David Mkhize ibe ngumholi womdabu wesithathu KwaZulu-Natal ukubulawa esikhathini esingangesonto ngesikhathi ibulawa emini kabha ngoMsombuluko.

Umngani kaMkhize, iNduna uGobizizwe Makhanya ukholelwa ukuthi ukushona kwakhe kube umisebenzi wababulali abaqashiwe.

“Izinkabi zifike emzini wakhe ngesikhathi eziphumulele nomndeni wakhe,” kusho uMakhanya etshela i-Scrolla.Africa.

“Bamcele usizo kodwa bathi badinga ukuthi abaphelezele baye emotweni yabo ngoba bahamba nekhehla elingakwazi ukuhamba.”

Njengoba engumuntu osiza umphakathi, uMakhanya uthe uMkhize “uye wavuma wahamba nabo baya kuleyo moto. Bamjikela bamdubula ekhanda amahlandla amaningi.”

UMakhanya naye oyinduna  unovalo ngabaholi asebenza nabo ababulawa ngendlela emangalisayo.

“Iyathusa ngempela le nto asazi ukuthi lesi sihlava sizophela kanjani sokubulawa kwabaholi bomdabu kulesi sifundazwe.”

UMkhize noMakhanya bahola ibutho leSilo uMisuzulu kaZwelithini eningizimu yeTheku ngesikhathi beyokhumbula iMpi yaseSandlwana eyayaziwa ngeMpi yamaNgisi namaZulu eyayiseNquthu ngo-1879 ngoMasingana.

UMkhize ubebuye aziwe ngomdanso wesintu ohlale udonsa amehlo abantu abaningi ngesikhathi kunemicimbi eNdlunkulu kaZulu.

Ukubulawa kwakhe kwenzeke ngemuva kokubulawa kwenkosi uZwelakhe Ndaba maphakathi nesifundazwe KwaZulu-Natal, e-Escourt ngoLwesihlanu.

Ngaphambi kwakhe kwadutshulwa kwabulawa enye inkosi iNkosi uWalter Ngcobo esemzini wakhe eMgababa ekuqaleni kwesonto.

Umndeni kaMkhize awutholakalanga ukuze uphawule.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe uphenyo lusaqhubeka kodwa akekho osaboshiwe kuze kube manje.

Esithombeni esingenhla: iNduna uSqumfe David Mkhize waseMbumbulu, eningizimu yeTheku obulawe ngoMsombuluko ngababulali abangaziwa.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva