Basule izikhundleni abenza isivumelwano sokuxhasa iTottenham 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Okokuqala kulahlekisele owayenguNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu umsebenzi wakhe weminyaka engu-25 ekuhulumeni we-ANC.

Manje isivumelwano esiwundabamlonyeni sokuxhasa i-Tottenham Hotspurs ngoR1 billion sesiholele ekutheni amalungu ayisishiyagalombili ebhodi lakuleli lezokuvakasha asule esikhundleni.

Emasontweni amabili okuqala esehhovisi uNgqongqoshe omusha wezokuvakasha uPatricia de Lille utshele amalungu ebhodi ukuthi amnike izizathu ezizwakalayo zokuthi kungani kungafanele ahlakaze ibhodi.

Esikhundleni sezimpendulo amalungu ebhodi – okubalwa kuwo usihlalo uDkt Thozamile Botha – aphume ngomnyango.

Manje uDe Lille uthi uzohlakaza ibhodi ngokusemthethweni ngesaziso kwigazethi kahulumeni ngoLwesihlanu.

Ekupheleni kukaNdasa ibhodi liye laqinisekisa ungqongqoshe ukuthi alisaqhubeki nesivumelwano sokuxhaswa kweqembu elidlala ku-English Premier League – kodwa lokho akwanele ukugcina imisebenzi yabo.

UDe Lille uthe ukuphazamiseka kwenqubo mayelana nokusungulwa komqondo kanye nokungaxhumani kahle nezinhlaka ezithintekayo okuhlanganisa nohulumeni ovumelane nabo ngalokhu.

Lezi izindaba ziya ngqo esisekelweni se-ejensi.

“Incwadi yami (eya ebhodini) iveze izinto eziningi ezikhathazayo njengokuziphatha kwebhodi maqondana nodaba lokuxhaswa kwe-Tottenham Hotspur; ukubunjwa kwebhodi nokuthi amalungu ebhodi analo yini ulwazi oludingekayo, isipiliyoni kanye neziqu ezidingekayo ngokwesigaba 13 se-Tourism Act,” kubhala uDe Lille.

Lokhu kuholele ekutheni amalungu amaningi asule esikhundleni kwasala amalungu amathathu kuphela ebhodi.

“Amalungu amathathu ebhodi asele awakwazi ukwenza ikhoramu ngakho ibhodi alisasebenzi,” kusho ude Lille ngoLwesithathu.

Ungqongqoshe uthe uzoqoka ibhodi lesikhashana labantu abathathu kuze kube kuqokwa ibhodi elisha.

Ibamba loMphathi wezokuvakasha kuleli uThemba Khumalo nobehamba phambili ekuvikeleni lesi sivumelwano akasulanga esikhundleni.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia de Lille uphikisana nebhodi lakuleli lezokuvakasha elingasebenzi

Umthombo wesithombe:@PatriciaDeLille

Izihloko zakamuva