
Linda Ximba
I-Democratic Republic of Congo isolwa ngokuqamba amanga ngeminyaka yabadlali emqhudelwaneni wokuqala we-African Schools Champions Under16 Cup.
I-DRC idlale ne-Senegal enhlokodolobha yayo i-Kinshasa phakathi nesonto, kanti abadlali base-Congo bebebonakala bebade kakhulu kunezimbangi zabo.
Abalandeli abaningi bangene ezinkundleni zokuxhumana bebuza ukuthi umdlalo uvunyelwe kanjani ukuthi uqhubeke kunomehluko obonakala kakhulu phakathi kwala maqembu womabili.
Intatheli yebhola lase-Afrika uThomas “TK” Kwenaite ujoyine ikhorasi, egxeka i-Caf ne-Fifa ngokuvumela abadlali ababonakala sebekhulile ukuthi badlale nabancane.
“Akudingeki ukuthi ube usosayensi ukuze ubone ukuthi laba ngamaqola azenza abantu abaneminyaka engu-15 ubudala,” kusho uKwenaite.
“Mhlawumbe nginephutha kodwa ukunyakaza kwabo komzimba kunikeza inkomba yokuthi ekujuleni kwenhliziyo bayazi ukuthi abakwenzayo akulungile futhi kuyihlazo – ukuzenza sengathi baneminyaka engu-14 nengu-15 ubudala kanti eqinisweni sebesondela eminyakeni engu-40 kanye naseminyakeni yokuhola impesheni”.
UKwenaite wengeze ngokuthi i-Fifa kufanele ibe namahloni ngokuthi ivumele lento yenzeke phambi kwabo bebhekile.
“I-Fifa nayo kufanele ibe namahloni ngokuvumela lokhu kuhluka kweminyaka okusobala ukuthi kuqhubeke.
Osokhaya bawine umqhudelwano wabafana kanti i-Morocco ihlomule ngesicoco samantombazane.
I-Championship wumqhudelwano ohlelwa yi-Fifa ngenhloso yokuxhasa ukuthuthukiswa kwebhola emazingeni aphansi ezwenikazi lase-Afrika.
Lo mqhudelwano wezinsuku ezimbili ubuqhathwe phakathi kwamaqembu ayisithupha, okubalwa kuwo osokhaya i-DRC, iNingizimu Afrika, i-Morocco, i-Ethiopia, i-Senegal kanye ne-Benin Republic.
Elakuleli belimelwe yi-Edendale Technical Girls High, ehlulwe kabuhlungu i-Morocco ngo 1-0 kowamanqamu.
Umdlalo wamanqamu ububanjelwe e-Stade des Martyrs kanti ubuhanjelwe uMengameli we-CAF uPatrice Motsepe, uNobhala Jikelele we-Fifa uFatma Samoura, amalungu amele umbutho kanye nompetha abambalwa be-Fifa.