
Celani Sikhakhane
Uhulumeni waKwaZulu-Natal usolwa ngokudala uqhekeko emindenini yabaholi bendabuko okubhebhethekisa izingxabano eziningi.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) esifundazweni usolwa njengo necala.
Lezi zinsolo zivezwe nguSotswebhu we-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uMnu Blessed Gwala othe uCogta usiza ithimba elithile lemindeni elwayo ngokuya ezinkantolo.
Sezingaphezu kuka-32 iziNduna namaKhosi ezibulewe kusukela ngonyaka ka-2019.
UGwala uthe sekuyisikhathi ssoi-CoguCogta uyeke ukufaka amakhala ezimpini zobuholi bendabuko.
“Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uCogta ugxambukele kwizingxabano zobuholi bendabuko uphinde uthathe uhlangothi ngokwenza lokho. Uhulumeni ubhebhethekisa ukungezwani emindenini yamaKhosi,” kusho uGwala.
Uthe uNgqongqoshe we-Cogta e-KZN usanda kumemezela ukuthi uMnyango uzoya eNkantolo ukuze uphikise isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokuthi iNkosi uSkhosiphi Mdluli waKwaNyavu kumele ibuyiselwe esikhundleni sayo.
“Odabeni oluthinta isizwe sakwaMdletshe iNkantolo yakhipha isinqumo esiphikisana nokuqokwa kukaZolani Mdletshe njenge nkosi yesizwe,” kusho uGwala.
“Ngaphezu kwalokho abaholi abafana noMnu Mhlanganyeleni Mdletshe oyiNduna nelungu eliphezulu lomndeni wakwaMdletshe kuthiwa bakhishwe ngamabomu ekubambeni iqhaza ezingxoxweni ezithinta umbango wobuholi bendabuko esizweni.”
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi amabhizinisi ezikhulu zikahulumeni iwona aholela ekutheni umnyango wondle izinhlaka ezithile zemindeni.
UGwala uthe sekuyisikhathi sokuthi iNdlu yobuholi boMdabu kube iyona ezobhekana nezinkinga ukugwema ukugxambukela kukahulumeni.
Ezikhathini eziningi izingxabano ziqala lapho unkosikazi weNkosi engasekho esefuna ukungena esihlalweni kanti ngaso leso sikhathi indodana nayo ifuna ukuthatha izintambo.
Okhulumela i-Cogta uSenzelwe Mzila utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kunzima ukuphendula ngalezi zinsolo ngoba izinto ziyehluka izikhathi ngezikhathi.