Basola umbhishobhi we-ANC ngokuthatha isonto laseThekwini alenze elakhe

Celani Sikhakhane

Osopolitiki abasezingeni eliphezulu KwaZulu-Natali baphakathi kombango wobunikazi besonto laseThekwini elaqala lanikeza iphini likaMengameli uJacob Zuma inkundla.

Usihlalo wesifundazwe we-EFF uVusi Khoza ozibiza njengomuntu owasungula isonto laseThekwini Community Church (ECC) ufuna umbhishobhi uVusi Dube adedele yonke imali kumnikazi wesonto.

“Kubuhlungu ukuthi iminyaka emingaka umbhishobhi uDube ukwazile ukukhohlisa abazalwane ngamanga futhi wonke umuntu uyamkholwa” kusho uKhoza.

“Sisungule i-ECC sase sathungatha umbhishobhi uVusi Dube oqhamuka eThekwini Christian church(DCC) ukuba azoba umfundisi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wajika walithatha isonto walenza elakhe ukuze athole ukwesekwa abaholi beqembu le-ANC”.

Uthi baqala i-ECC nosomabhizinisi ongasekho uSipho Nyawo, noKhulubuse Zuma kanye nobhuti ababili bakwaMvelase.

“Sasungula i-ECC ngoba ngaleso sikhathi iqembu le-ANC lalingenayo indawo eThekwini lapho uMnumzane uJacob Zuma engadlulisa khona imiyalezo yezokholo kubantu” kusho uKhoza.

UDube oyisithenjwa sikaZuma futhi oyilungu lePhalamende le-ANC usefakele uKhoza inselelo ukuthi athathe okungokwakhe.

“Ungusomathuba. Kumele eze azothatha isonto uma ngabe ekhuluma iqiniso. Ngasungula leli sonto nginonkosikazi wami uDr Taki. UKhoza wayesebenza ehhovisi le-admin” kusho uDube etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe lokhu okushiwo abantu ukuthi uKhoza nguye ongumsunguli waleli sonto amanga wodwa.

“UNyawo ubeyilungu lesonto likababa wakhe, elibizwa nge-Full Gospel Church kanti uKhulubuse ubengomunye walabo abebejwayele ukufika uma ngethula intshumayelo. Okushiwo uKhoza akunangqondo” kusho uDube.

Isonto le-ECC bekuyikhaya losopolitiki beqembu le-ANC, nalaba abasezikhundleni abanikezana ngamathenda, kanye nabaculi baphesheya abanjengoKirk Franklin kanye nabanye.

Izihloko zakamuva