Basola ukucishwa kukagesi kwesigaba sesishiyagalombili 

Lubhalwe nguZukile Majova

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramakgopa uzichithile ezokuthi izingxenye zezwe ikakhulukazi eGoli zikusigaba sesishiyagalombili sokucishwa kukagesi.

Izakhamizi zibike ukuthi ugesi ucishwe amahora angu-12 ngesikhathi somjikelezo wamahora angu-24 nakuba u-Eskom uthi izwe likusigaba sesithupha sokucishwa kukagesi.

Ungoti wezamandla uChris Yelland uthe abantu bakuleli banelungelo lokungabaza ukwethembeka kolwazi olunikezwa uhulumeni mayelana nokushoda kukagesi.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe uthe izakhamizi zaseGoli zicishelwe ugesi amahora amade ngenxa yokuthi i-City Power isithathe izintambo zokucisha ugesi kwa-Eskom.

“Mayelana nabantu baseGoli, eyokuqala eyokuthi asikaze sibe kusigaba sesishiyagalombili. Izigameko zabantu basezindaweni ezahlukene ngeke ngiziphike. Kodwa khumbula ukuthi esimweni saseGoli u-Eskom unikeze i-City Power umsebenzi wokucisha ugesi.

“Futhi nginesiqiniseko sokuthi kunengxoxo esizoba nayo ne-City Power,” kusho uRamakgopa.

URamakgopa uphinde wathembisa isizwe ukuthi ngoZibandlela ngeke kube khona ukucishwa kukagesi, wengeza ngokuthi balindele ukuthi isiteshi sikagesi iKusile Power kwiyunithi yesibili neyesihlanu zibuyele emsebenzini maduze.

“Esikwaziyo futhi ukuthi ngoZibandlela abasebenzisa amandla kakhulu, izimboni ezinkulu ziyavalwa ngakho isidingo sikagesi sizoncipha. Nizoba nezinsuku lapho ugesi ongeke ucishwe khona,” esho.

Ngesikhathi ethula umbiko wakhe wamasonto onke ngesimo segridi, uNgqongqoshe uthe nakuba ukwehluleka kohlelo kufake izwe lonke ekucishweni kukagesi kwesigaba sesithupha, ugesi awukaze usondele ekutheni uphele.

“Uma unyusa izigaba zokucishwa kukagesi akusho ukuthi usuzophela. Kusho ukuthi uhlelo lukagesi luyasindelwa futhi lwenza konke ukuvikela igridi.”

Njengoba isigaba sesithupha sokucishwa kukagesi siphele ngeSonto, u-Eskom uthe uhlelo lokucishwa kukagesi luzoshintshana phakathi kwesigaba sesithathu nesesine kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine kuleli sonto.

Njengoba ukungathembeki kweziteshi zamalahle zakwa-Eskom ziqhubeka nokuguga, i-International Partners Group ikhuphule uxhaso lwalo lwezimali zokuguqula amandla kuleli ngemali esuke ku-$8.5 billion (R160,4 billion) yaya ku-$9.3 billion (R175,2 billion).

Izihloko zakamuva