Lubhalwe nguTladi Moloi
Kusuke isiphithiphithi esikoleni samabanga aphezulu i-Tlotlisong e-Ficksburg, e-Free State ngoLwesine ekuseni ngesikhathi abafundi abebethukuthele beveva behlasela othisha – bebasola ngokuzibulala komfundi.
Kuthiwa uThabang Tshabalala (16) uzibulale ngoba ubehlukunyezwa othisha esikoleni. Kuthiwa uTshabalala ushiye incwadi enamagama othisha abathathu ngaphambi kokudla ushevu ngoLwesibili ebusuku esemzini kagogo wakhe.
Abafundi abangakwazanga ukufinyelela kothisha bagcine sebephihliza amawindi esikole baketula nemoto yamaphoyisa.
UMalai Tshabalala (34) ongunina womfana utshele i-Scolla.Africa ukuthi ubecabanga ukuthi indodana yakhe iyadlala ngesikhathi imtshela ukuthi izozibulala ocingweni.
Uthe indodana yakhe icele ukuyofunda kwesinye isikole.
“Ngishayelwe ucingo ngomunye umngani wami wasekhaya ekuseni engitshela ukuthi ingane yami isishonile kodwa ngamtshela ukuthi akayeke ukuncokola.
“Ngibe sengishayela uyise wengane ucingo, naye ubekhala ocingweni kodwa nalapho angikholwanga ngoba bengikhuluma nengane yami ngoLwesibili kusihlwa,” esho.
UTshabalala uthe umfana ubekhala ngempatho ayithola esikoleni kodwa akakaze amthathele phezulu.
“Nyakenye wangitshela ukuthi kukhona othisha abebemtshela ukuthi ngidayisa ngomzimba eGoli nokuthi ngimthengela izimpahla ezingekho kwimfashini.
“Ngambuza ukuthi ubani osho lokho, wangithumelela isithombe salowo muntu. Ngashayela isikole ucingo ukuze ngibikele uthishomkhulu, kodwa angitholanga muntu ocingweni.”
Uthe nakuba umfana engaphumelelanga ezivivinyweni zakhe wakwazi ukumqinisekisa ukuthi kwakungekhona ukuphela komhlaba, wabuyela esikoleni.
“Ngalubika udaba esikoleni ngathenjiswa ukuthi luzolungiswa. Kodwa kuyacaca ukuthi akukaze kube njalo njengoba esegcine ezibulele,” kusho uTshabalala.
UWarrant Officer Mmako Mophiring we-Thabo Mofutsanyana District Communication and Liaison Service uthe amaphoyisa abizwe esikoleni ngesikhathi abafundi befuna ukuhlasela othisha.
“Kubizwe amaphoyisa engeziwe esikoleni kwacekelwa phansi amawindi ezimoto zamaphoyisa ezintathu. Baphinde baphihliza amafasitela bacekela phansi namasango esikole, kodwa othisha namaphoyisa abebengaphakathi egcekeni abalimalanga. Omunye umfundi obebukela ushaywe itshe ekhanda ngesikhathi kuqhubeka lolu dlame.
“Kuze kube manje akekho osaboshiwe kanti isimo sidambile kodwa amaphoyisa asiqaphe ngelokhozi isikole namaphethelo. Kuphenywa icala lodlame emphakathini,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Free State, uHaward Ndaba usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe uphenyo lusaqhubeka njengoba bungekho ubufakazi bokuthi umfana uzibulele ngenxa yokuxhashazwa othisha.
“Ugogo usazisile ngokuzibulala komzukulu wakhe wasinika nephepha elinamagama othisha abathathu. Kodwa-ke,linamagama nje angenawo umyalezo. Sizwe ngabantu ukuthi abafundi bathi othisha bebengamphethe kahle,” esho.
Uthe ngeke aphike ukuthi kungenzeka, kodwa uphenyo olufanele kuphela oluzohlinzeka ngolwazi oludingekayo.
Esithombeni esingenhla: Iveni yamaphoyisa egingqwe abafundi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe