
Doreen Mokgolo
NgoMgqibelo ebusuku abafana ababili bathunjwe ikhehla elibagibeze emotweni yalo ngesikhathi besendleleni egodukayo bephuma emcimbini womdanso e-Stinkwater enyakatho ne-Tshwane.
Kusolwa ukuthi libaphuzise izidakamizwa labayisa emijondolo e-Winterveldt eqhele ngamakhilomitha angu-20 ukusuka emakhaya okusolwa ukuthi isikole sokusoka.
Omunye wezisulu uNkosinathi Ngcobo oneminyaka engu-16 uthe uphaphame phakathi kwamabili esemjondolo nabafana abayisishiyagalombili abebebonakala ukuthi badle izidakamizwa.
“Ngesikhathi ngibabiza ngifuna ukuzwa ukuthi kwenzakalani akekho noyedwa wabo osabelile.
“Ikhehla lisitshele ukuthi asikhululeke singesabi angeke lisilimaze,” kuchaza uNkosinathi.
Kodwa uNgcobo akazange ayikholwe into ebishiwo yileli khehla. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubesabela impilo yakhe ngoba uke wezwa izindaba zabafana abathunjwa baphoqwa ukuthi baye ezikoleni zokusoka.
“Umndeni wami awukholelwa ezikoleni zokusoka futhi wangixwayisa ngazo.”
Yena nomngani wakhe bakwazile ukubaleka ngezinyawo ngeSonto ebusuku. Batholakale bebalekela izimpilo zabo emgwaqeni uMolefe Makinta Highway ekuseni ngoMsombuluko.
Unina uZanele Ngcobo uthe ngeSonto ntambama bebethungatha izikole zokusoka kule ndawo kodwa lutho.
“Bengikhungathekile ngizibuza ukuthi kwenzakaleni ngendodana yami. Bonke abangani bakhe basitshele ukuthi bagcine ukumbona ngoMgqibelo ntambama.
“Kuzo zonke izikole zokusoka ebesizihambela singamtholi benginovalo lokuthi kuzoba nzima kakhulu,” kusho umama wakhe.
Ngesikhathi eshayela ku-Molefe Makinta Highway ubone abafana ababili begijima emgwaqeni nokuthe uma besondela wakwazi ukuhlonza indodana yakhe.
Uthe abafana bebedidekile futhi bethukile benamanxeba emizimbeni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Temba uSayitsheni uHerman Moremi ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokuthumba.
“Uphenyo luyaqhubeka kanti abasolwa basazoboshwa,” usho uSayitsheni.