Basola isandla semfene ngomdlali webhola oshaywe umbani

Dylan Bettencourt

Umdlali webhola osemncane obebonakala ethembisa ebholeni ushaywe wabulawa umbani e-Limpopo ngesikhathi ebungaza ukusayina kwakhe eqenjini elithuthukayo le-Mamelodi Sundowns.

ULesiba Ramabula (21), wase-Seshego ngaphandle kwase-Polokwane nabangani bakhe bangene ezitaladini zase-Zone 1 bebungaza impumelelo yakhe. Kodwa, lo mdlali wasesiswini owaziwa “ngelikaMaestro” ngeke esalifeza iphupho lakhe ngemuva kokuthi yena nomunye wabangani bakhe beshaywe umbani.

Imibiko iveza ukuthi uLesiba ushone esendleleni eya esibhedlela i-Seshego. Umngani wakhe usindile kodwa unamanxeba amaningi. Amanye amalungu omphakathi amatanise lesi sigameko nokuthakatha.

ULesiba ubengumuntu odumile elokishini lakhe ngenxa yekhono lakhe elimangalisayo lebhola.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Limpopo, uNkakareng Rakgoale uthe bathumele ithimba losonhlalakahle ngokushasha ukuthi lisize ngokweluleka.

“Sizoxhumana nemindeni siqale ukuhlinzeka ngosizo lwezengqondo,” kusho uRakgoale.

“Siyazi ukuthi umndeni ubhekene nokuningi, njengoba ulahlekelwe yilungu lomndeni elisencane eliphinde libe yisihlabani sebhola”.

Ukusayina iqenjini le-DStv Diski Challenge kube yigxathu elikhulu emsebenzini kaLesiba. UPercy Tau osedume kakhulu manje wathola   ithuba lakhe lokuqala ebholeni laseNingizimu Afrika edlalela iqembu elifanayo.

Umhlaba wezikanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika uzokhala ngokulahlekelwa yikhono likaLesiba obebukeka ezojabulela umsebenzi webhola isikhathi eside.

Umthombo wesithombe: @AfricaNewz

Scrolla World Cup Quiz