Basola amaphekula ngebhomu eqhume emjahweni i-Dakar Rally

Dylan Bettencourt

Iziphathimandla zase-France zivule icala lokuhlaselwa kulandela ukuqhuma kwebhomu ngaphansi kwemoto yowase-France ebiqhudelana emjahweni i-Dakar Rally e-Saudi Arabia.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili kanti sishiye abagibeli abaningi belimele kanzima ikakhulu abagibeli abahlanu base-France abebehamba ngemoto ebishayelwa uPhillipe Bourton.

UBoutron, olimale kakhulu emlenzeni, uphuthunyiswe e-France wangeniswa esibhedlela esiseduze kwase-Paris, kusho ithimba lakhe kwisitatimende.

Ngokusho kwephephandaba lase-France i-L’Equipe, lokhu kuqhuma kwebhomu kubhodloze ingaphakathi lemoto, okuholele ekutheni imoto yokheleke ngomlilo.

Umqondisi womjaho uDavid Castera uthe umcimbi uzoqhubeka yize besathukile ngemuva kokuhlaselwa, kodwa ucele ukuthi kwandiswe amaphoyisa emzileni.

“Kuvulwe uphenyo mayelana nezigameko eziningi zokuzama ukubulala ezenziwa amaphekula,” kusho abe-National Anti Terror ngoLwesibili.

Umcimbi odumile, phambilini owawaziwa ngokuthi i-Paris to Dakar Rally, wawuqala edolobheni lase-France ulandele indlela eya edolobheni lase-Senegal, i-Dakar. Kodwa-ke, ngenxa yezinsongo zokuphepha emzileni kwadingeka ukuthi umzila uyiswe eNingizimu yeMelika kwathi ngonyaka ka-2020 wayiswa e-Saudi Arabia.

Njengamanje lo mjaho waziwa ngokuthi i-Dakar nje kuphela. Uhlelo lwangonyaka ka-2022 luzophela ngomhlaka-14 kuMasingana.

Umthombo wesithombe: @Autosport

Izihloko zakamuva