Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Emini sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba emalokishini ukubona amaphara evala imigodi ukuze athole imali ethile kubashayeli.
Kodwa-ke, abanye abashayeli bathi kuningi okwenzekayo kunalokho okubonwa ngamehlo. Bathi sebewanonile lamaphara egubha imigodi uma sekuhwalele!
Bathi bababonile benyonyoba ebusuku bekhipha amatshe emigodini.
Umshayeli wemoto u-Andries Bilankulu uthe akasabaniki imali ngemuva kokubona abantu ababili bemba umgwaqo ebusuku.
“Ngiye ngabona ukuthi yithina bashayeli bezimoto esiyinkinga ngoba ukunika laba bantu imali kwenza babuye bazofuna enye futhi abanye sebedla izidakamizwa ngakho uma behalela izidakamizwa bacekela phansi imigwaqo,” esho.
U-Andries uthe amaphoyisa kaMasipala kumele avimbe le ntsha ukuthi iyeke ukuvala imigodi.
“Lokho kuzoyiphephisa imigwaqo yethu. Bengizoqonda uma bevala imigodi ihora noma amabili kodwa inyanga yonke? Cha.”
Omunye umshayeli wemoto uBusi Nkwe uthe intsha evala imigodi iphinde ibe nodlame uma abashayeli bengayiniki imali.
“Bake bavimba imoto yami ngaba nenhlanhla kwafika imoto yamaphoyisa kaMasipala. Laba bantu baze bakubambe inkunzi uma bengenayo imali eyanele,” esho.
Ikhansela le-ANC edolobheni lase-Tshwane uMnu Joel Masilela uthe umfelandawonye oholwa i-DA kuleli dolobha uyishaye indiva ingqalasizinda emalokishini nokuyinto eholele ekutheni abantu bazithathele umthetho ngezandla.
“Imigwaqo nayo yonke ingqalasizinda iyawohloka emalokishini selokhu kwangena i-DA, kumele izakhamizi zibone ukuthi laba bantu abanandaba nazo futhi zivote ngobuhlakani,” esho.
Esithombeni esingenhla: Intsha evala imigodi ukuze yenze imali e-Nellmapius, e-Tshwane
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla