Basola abasebenzisa izidakamizwa abashelwe imizi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umlilo oqubuke emijondolo yase-Europe eGugulethu, eKapa, ​​okungenzeka ukuthi uqalwe ngabasebenzisa izidakamizwa, ushiye izakhamizi eziningi zingenamakhaya. 

UBusisiwe Thungatha, (64), ucishe wafa ngenxa yomlilo. 

“Bengilele ubuthongo obumnandi, angazi ukuthi ngikwazi kanjani ukuvula amehlo ngilele,” kusho yena. 

“Ngiwubonile umlilo ngaphandle, kodwa kwaba sengathi ngiyaphupha. Lapho ngizwa iphunga lentuthu, ngabona ukuthi kwenzeka ngempela.” 

UThungatha uthe uvuse amalungu omndeni wakhe, babaleka baphumela ngaphandle bathatha nezimpahla zabo. 

“Amalangabi abe namandla kangangokuthi asikwazanga ukuthatha lutho ngaphakathi into ebaluleke kakhulu bekuwukusindisa izimpilo zethu.

“Njengoba ubona silahlekelwe yikho konke, asisebenzi futhi asazi ukuthi sizobuyela kanjani esimweni sethu. Sidinga lonke usizo esingaluthola,” kusho uThungatha.

Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sisole abasebenzisa izidakamizwa. 

“Abadla izidakamizwa baqale umlilo emjondolo wabo, base bebaleka basishiya kulolu bishi, siyazisola ukuthi asibaxoshanga ngani ngoba bacishe basibulala,” usho kanje.

“Besikulungele ukuyogubha uSuku lwaMagugu nabanye abantu kodwa asikwazanga ukukwenza lokho ngoba silahlekelwe yikho konke. Ongaba namandla okulekelela nganoma yini uvumelekile ukuthi axhumane nekhansela lewadi yethu.

Ikhansela laWadi-40, uMnuz Bongani Ngcombolo, selicele usizo emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni.

“Sengike ngavakashela abagilwa abalahlekelwe yikho konke,” usho kanje, “Ngithinte nomnyango ofanele kodwa ngicela noma ngubani ongasiza ngezimpahla zokugqoka nokudla asize abagilwa.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zasemijondolo yase-Europe eGugulethu, eKapa, ​​zilahlekelwe yimizi yazo ngenxa yomlilo okusolakala ukuthi udalwe abadla izidakamizwa. 

Umthombo: Buziwe Nocuze.

Izihloko zakamuva