Basobishini abebehlela igigi lika-Akon kodwa wangafika 

Ngonyaka omusha indawo yasebusuku yokucima ukoma ebizwa nge-Saint Lounge yaseKapa ibilindele ukunandisa ngesihlabani sase-Senegal u-Akon, kanti ithikithi lokumbona belibiza cishe imali efinyelela ku-R1 million.

Kodwa akazange abonakale nangokhalo. 

U-Akon, ongumculi onandisa eMelika bekulindeleke ukuthi azocula endaweni edumile kusukela mhla zintathu kuya mhla zinhlanu kuMasingana.

I-Saint Lounge ithe u-Akon waphuma kwisivumelwano sabo ekugcineni.

Le ndawo yasebusuku yokucima ukoma ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu, okuwubusuku besibili u-Akon abezocula ngabo beqinisekisa ukuthi lo mculi angeke avele esiteji.

Ukubiza kwethikithi lokuyobuka lo mculi bekuthusa abantu ezinkundleni zokuxhumana, njengoba ukungena bekubiza imali ephakathi kuka-R350 no-R1 000, kodwa ukubhukha amatafula bekubiza kakhulu.

Ngokusho kwe-Saint Lounge itafula lokuqala belingu R5 000 linyuke kuze kuyofika ku-R1 million.

Le ndawo ikhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi bebecabanga ukuthi lesi sihlabanisizosihlonipha lesi sivumelwano.

“Abamele u-Akon yibona abasithinta besinika ithuba lokuthi simubhukhe. Ngemuva kwemihlangano eminingi, savumelana ngemali okufanele siyikhokhe. Sibe sesikhokha leyo mali kwabasimele ngokwesivumelwano sethu,” kubhala i-Saint Lounge ezinkundleni zokuxhumana.

Le ndawo ibe isiveza ukuthi ezinye zezindawo ayezoya kuzo zase zikhanseliwe.

“Nina ningamakhasimende ethu athembekile nifanelwe okungcono kakhulu, futhi sithanda ukuxolisa ngokuphazamiseka okube khona,” besho esitatimendeni sabo.

Lo mbukiso ka-Akon ushiye abantu abaningi bezibuza ukuthi bazobuyelwa yini imali, kanti le ndawo ihlulekile ukuqinisekisa ukuthi bazoyibuyisa yini imali ekhokhiwe.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe ngenhla: U-Akon

Umthombo Wesithombe: The Cold Wire

Izihloko zakamuva