Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Basinde seliloliwe izembe lokuba baxoshwe othisha beNyunyana i-Sadtu abasolwa ngokuba uhlupho nokulaxaza izingane balibale imihlangano engapheli yetulo lokuketula uthishomkhulu.
Lokhu kulandela ukuthi abazali babafundi besikole saseMpumalanga, e-Hammarsdale Intakemazolo Combined School bevuke umbhejazane ngoLwesine bethi bazoxosha labo thisha ngoba bethi sebekhathele ukuhlupha kwabo bebuyisela izingane emakhaya ngehora leshumi ekuseni zingafundanga.
Kuthiwa bese bewenze lo mkhuba izinyanga ezimbili.
Nokho emhlanganweni kujike izinto njengoba izikhulu zoMnyango zicelile kubazali ukuthi abangaxoshwa kodwa abanikezwe ushwele.
Abazali bebengayingeni ngoba bethi uMnyango awuqashe abanye othisha abaswele umsebenzi nabahlale bebhikisha eMgungundlovu bekhala ngokungasebenzi.
UNkk Thembeka Tembe onguMqondisi woMnyango esiFundeni i-Durban West utshele abazali ukuthi uma labothisha bephinde bagila lo mkhuba wabo bazothathelwa izinyathelo.
Usihlalo wesigungu sabazali uMnuz Mdu Maphumulo uthe bese bekhathele ukuhlupha kwalabo thisha.
“Sizame kaningi ukuba kulungiswe ukuziphatha kwabo kodwa umholi wabo uNonarashiya Caluza ubevele angalubhadi emhlanganweni. Labo thisha kuphele izinyanga ezimbili bengafuni ukufundisa. Abebekwenza bebevele bajikise izingane ngehora leshumi ekuseni bese behlala emhlanganweni wenyunyana yabo i-Sadtu,” kukhalaza uMaphumulo.
Uthe nokho umhlangano nezikhulu zoMnyango nezinyunyana uphume nesixazululo sokuba bangaxoshwa kodwa kubonakale ukuthi ngabe bayaqhubeka yini nokuhlupha bese kuthathwa izinyathelo.
Omunye wabazali uthe ngokwakhe ubengasafuni nokuba kube khona into ethinta i-Sadtu esikoleni sezingane zabo ngoba izobulala imfundo yezingane zabantu abamnyama.
“Lesi sikole siguqule umlando omubi wase-Hammarsdale wodlame nobugebengu ngenxa yokuphasa kahle kwezingane nokufunda okusezingeni eliphezulu. Kumanje lesi sikole sigcina kwa-Grade 10 kodwa sicele ukuba kwengezwe u-grade 11 no-12 ukuze kuqhubeke lokhu kuphasa kahle esikubonayo.
“Izingane eziningi kulesi sikole zikhishwe abazali bazo kuma-Model C zalethwa lapha ngoba kubonakala imfundo esezingeni eliphezulu. Manje sesidlala othisha be-Sadtu abaqeda bonke lobu buhle ngoba bezama nokuketula uthishomkhulu,” kuchaza umzali ocele ukungadalulwa.
