Basinde ngokulambisa kugasela izinkomo zehlathi emzini wabo

Ashabalele amaphupho okuthatha omhlalaphansi ezithandani zase-Britain ngesikhathi izinkomo zehlathi ezingu-18 zigasela emzini wabo zizicwilisa endaweni yabo yokubhukuda.

U-Andy noLynette Smith base-Essex, e-Southearst e-England bagcine bephumelele ngemuva kwengxabano enkulu yezinyanga eziyishumi nenkampani yomshwalense kulandela ukuhlasela kwezinkomo zehlathi endaweni yabo.

Izilwane eziyingozi zase-Asia zaqala ukuhlasela ngemuva kokubaleka epulazini eliseduze lezilwane ezehlukene.

Izilwane ezinkulu ezinesisindo esingu-600 kg ngasinye zitheleke engadini enhle yalezi zithandani zayicekela phansi, kubika i-Insider. Kodwa-ke, akugcinanga lapho izilwane zicekele indawo kaSmith yokubhukuda ebiza imali engu-£70,000 (R1,600,000) ukuyilungisa.

Akuyona eyodwa noma ezimbili, kodwa bekuyizinkomo zehlathi eziyisishiyagalombili eziphonseke endaweni yabo yokubhukuda.

Ngesikhathi besamangele, u-Andy Smith wafonela abezimo eziphuthumayo.

“Kodwa abangikholwanga bebecabanga ukuthi ngidlala ngabo”.

Ekugcineni umnikazi wepulazi ugcine ekwazile ukubamba lezi zinkomo zehlathi, wangena ngokunyenya ukuze azibambe.

Ngokujabulisayo, azikho izilwane ezalimala ngesikhathi ezama ukuzikhipha emanzini okuqinisekisa isiphetho esijabulisayo sesiqephu esiyinqaba.

Nokho, usizi lwabakwaSmith lukude ukuphela.

Ngemva kokuhlola imfucumfucu, bekumele balungise indawo yabo ngemali engu-£25,000 (R600,000). Ngakho-ke,kwaqala impi enzima phakathi kwezithandani  nenkampani yomshwalense.

U-Andy noLynette basebenze kanzima ukulwa udaba lomshwalense.

Kuqubuke impi ethathe izinyanga eziyishumi ezinzima. Kodwa ubulungiswa bunendlela yokuziveza.

AbakwaSmith, ngemuva komzabalazo onzima baphumelele ukuthola isinxephezelo sika-R600,000.

Ecabanga ngalesi sigameko, u-Andy Smith uzwakalise ukukhululeka kwakhe.

“Ukube lokhu kuhlasela kwenzeke emahoreni ambalwa nje ngaphambilini, bekungenzeka inhlekelele yehlele abazukulu bethu abangenacala nabangane babo ngesikhathi sabo sokuzijabulisa.

Kuyisimanga ngempela lokhu. 

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Izinkomo zehlathi

Izihloko zakamuva