Basinde ngokulambisa ibhasi lishayisa imijondolo yabo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UMahlubandile Matshaya ubelungisa indawo evuzayo ophahleni lwakhe ngesikhathi ebona ibhasi lakwa-Golden Arrow liza ngesivinini libheke emjondolo wakhe.

Ukuze asindise impilo yakhe, ubaba wase-Lusaka elokishini laseNyanga uye weqa uphahla.

“Ngilibone liza liqonde emjondolo wami kwadingeka ukuthi ngigxume ngisindise impilo yami,” esho.

Yize yena esindile kule ngozi ngoLwesihlanu ekuseni unkosikazi wakhe nabazukulu bakhe bebevaleleke emjondolo.

Uthe ngesikhathi ezama ukuvuka ngemuva kokugxuma uzwe umkakhe ekhala kodwa umsindo wezingane akawuzwanga. Lokhu kumenze watatazela washesha waya ukuyobheka ukuthi wonke umuntu ukahle yini.

“Umshayeli webhasi ukwazile ukuhlehla, ngenhlanhla akekho olimalile. Umndeni wami unenhlanhla yokuthi uphume uphila kulo mjondolo. Umshayeli uthe wehlulekile ukulawula ibhasi ngesikhathi ezama ukuvika imoto ebiphambi kwakhe,” esho.

Ibhasi lishayise omunye umjondolo ngaphambi kokushayisa umjondolo kaMatshaya.

Umnikazi womunye umjondolo uSiphelo Sonjani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubelele nomndeni wakhe endlini ngesikhathi ezwa ukuqhuma okukhulu.

“Umbhede wethu uhudulwe yibhasi futhi angazi ukuthi sisinde kanjani,” kusho uSonjani.

Uthi uthole ingane yakhe enonyaka izelwe eduze kwesondo lebhasi ingalimele.

“Kuyisimangaliso. Siyajabula ukuthi sisindile kulesi sigameko,” kusho uSonjani.

Imindeni ibisazama ukwakha kabusha amakhaya ayo ngesikhathi izintatheli ze-Scrolla.Africa ziyivakashele ngeSonto ekuseni.

Impahla yokwakha bayithole kwa-Golden Arrow Bus Services.

“Sizohlangana nabo [abakwa-Golden Arrow Bus Services] kusasa sizokhuluma ngempahla yethu. Ibhasi licekele phansi yonke into ebingaphakathi okubalwa nefenisha yethu,” kusho uMatshaya.

Isakhamuzi sithi abashayeli bashayela ngesivinini esiphezulu endaweni yabo.

“Izimoto zabo zishaywa izigebengu ngamatshe yingakho behlezi behamba ngesivinini esikhulu kodwa-ke lokho kubeka izimpilo zethu engcupheni ngoba bashayisa izindlu zethu,” kusho isakhamuzi.

Okhulumela abakwa-Golden Arrow uBronwen Dyker-Beyer, uthe ukulungiswa nokushintshwa kwempahla eyonakele kuqale ngoLwesihlanu.

“Kusolakala ukuthi imoto ethile ibibalekela umgodi kanti yiyona eyenze ukuthi umshayeli webhasi ashayise imijondolo,” kusho uDyker-Beyer.

Umshayeli umiswe ngokushesha emsebenzini kuze kube kwenziwa uphenyo.

Esithombeni esingenhla: USiphelo Sonjani nengane yakhe u-Enzokuhle

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva