Basinde ngokulambisa abashayeli bamaloli behlaselwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Basinde ngokulambisa abashayeli bamaloli ngesikhathi amaloli abo eshiswa abahlaseli abebehlome bezingovolo eNseleni ku-N2 ngase-Richards Bay ngoMsombuluko ebusuku.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-09:00 ebusuku ngesikhathi abahlaseli bemisa amaloli, baphoqa abashayeli ukuthi baphume emalolini befuna izimpahla zabo.

Abashayeli benze njalo abahlaseli base beshisa amaloli.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseMpangeni aphenya amacala okushisa, ukweba nelokuzama ukubulala.

Akukho kulimala okubikiwe kubashayeli.

Okhulumela uMkhandlu waseMhlathuze, uBongani Gina uthe amaloli amathathu ashiswe ku-N2 e-Canefields phakathi kwaseNseleni naseMpangeni.

“Abezimo eziphuthumayo baphuthume kulezi zehlakalo kanti bonke abashayeli bakwazile ukubaleka bengenamyocu,” kusho uGina.

Lesi sigameko silandela esinye isigameko sokushiswa kwamaloli ku-N3 eVan Reenen Pass, lapho kushiswe khona amaloli ayisithupha ekuseni ngoMsombuluko.

Kuleso sehlakalo, abashayeli  basinde ngesikhathi bedutshulwa abahlaseli. Lezi zigameko kukholakala ukuthi zihlobene nemibhikisho yabashayeli bakuleli abakhala ngokuqashwa kwabashayeli bamaloli bokufika izinkampani ezithwala impahla eNingizimu Afrika.

Esithombeni esingenhla: Amaloli ayisithupha ashile ku-N2 eduze kwase-Richards Bay

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva