Basinde ngokulambisa abahlengikazi kuqubuka umlilo

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Kushiswe ikhaya labahlengikazi emtholampilo wase-Ncora e-Cofimvaba e-Eastern Cape ngeSonto kwacekelwaphansi i-staffroom, igumbi okwenziwa kulo itiye nendawo yokugcina imithi.

Yize izimpahla zabasebenzi bezempilo zingqongqiswe umlilo, kodwa abekho abalimele.

Ngeshwa abasebenzi bezempilo balahlekelwe imifaniswano yabo, ukudla nezimpahla zabo okubalwa omazisi, izincwadi zokushayela, ifenisha, izikhwama zemali kanye nemali emlilweni oshise ibhilidi ngendlela engaqondakali.

Yize ithimba lezikhulu eziphezulu kulesi sifunda livakashele endaweni yesigameko ngoMsombuluko, kodwa izindleko zomonakalo azikakacaci. Kulindeleke ukuthi kutholakale ukuthi mungakanani umonakalo owenzekile, ngokusho kokhulumela uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uMkhululi Ndamase.

“Phakathi kwezinyathelo zesikhashana, uMnyango ubheke ukuthi kutholwe izindlu zamapaki ezizohlalisa abasebenzi abathintekile, zigcine imithi ziphinde zisetshenziswe njengendawo yokuphumula,” kusho uNdamase.

UNdamase uthe uNgqongqoshe uNomakhosazana Meth uphatheke kabi ngalesi sigameko.

“Uyazwelana nabasebenzi abathintekile kanti noMnyango uphezu kwezinhlelo zokuhlela ukwelulekwa ngokwengqondo ukuze basize ukubhekana nalesi sihlava.

“Sifuna nokunxusa umphakathi ngoba kungase kushode imithi njengoba kushe inqwaba yemithi,” kusho uNdamase.

“Imithi engqongqiswe umlilo ibisanda kufika ngesonto eledlule isuka edepho ngakho-ke, eminye imithi izogcwaliswa ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu bakithi abaphazamiseki ekuthatheni imishanguzo yabo.”

Yize isitatimende esikhishwe uMnyango wase-Eastern Cape siveze ukuthi lo mlilo ongaqondakali ungaphansi kophenyo lwamaphoyisa, amaphoyisa awakakwazi ukuqinisekisa lokhu. Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern CapeuBrigadier Tembinkosi Kinana akatholakalanga ukuba aphawule.

Isithombe esingenhla: Izinsalela zekhaya labahlengikazi kulandela ukuqubuka komlilo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva