Basinde emlonyeni wengwenya

Everson Luhanga

Amaphoyisa ahlenge abesifazane abane abahehwe besuka eGoli beya eThekwini ngokuthenjiswa amathuba emisebenzi, kodwa badayiswa yizigebengu ukuthi bangene emkhakheni wokudayisa ngomzimba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, uColonel Nqobile Gwala, uthe laba besifazane, abaneminyaka ephakathi kwengu-19 nengu-27, basola ukuthi omunye wabo uhlangane nowesilisa eGoli omtshele ngomsebenzi wase-call centre.

Lo wesifazane utshelwe ukuthi uzoceba ngokudayisa ama-sim card kubantu abasezingeni eliphezulu.

“Lo muntu ucele owesifazane ukuthi abize abesifazane abaningi ukuze bathole leli thuba,” kusho uGwala.

UGwala uthe owesifazane akakwazanga ukuzibamba ngenxa yenjabulo, wabe eseya ekhaya eyotshela umama wakhe ngomsebenzi wakhe omusha waze wamkhombisa nemibhalo eyiqiniso eqinisekisa lokho okushiwo umlisa.

“Lo wesifazane nonina bawuthandile lo mbono wabe esenxenxa ezinye izintokazi ezine, ezinye zazo bekuyizihlobo, ukuthi ziwuthathe umsebenzi,” kusho uGwala.

Laba besifazane abahlanu bathengelwe amathikithi okuya eGoli ngabaqashi babo ngoMsombuluko ebusuku bafika eThekwini ngoLwesibili ekuseni, sebelungele ukuqala impilo yabo entsha.

“Bathathwe esitobhini samabhasi bayiswa emzini owubukhazikhazi ose-Durban North.

“Ngesikhathi befika bacelwe ukuthi baphumule ngaphambi kokuba bahlangane nomphathi obezochaza imininingwane yomsebenzi wabo. Sebefikile enye yezintokazi ezinhlanu inqume ukuthi ayifuni ukuhlala yabe isihamba befika nje endlini,” kuchaza uGwala.

Isisulu sesihlanu sikwazile ukubaleka, kodwa abesifazane abane abasele ababanganenhlanhla efanayo.

Bekuphakathi nomhlangano nomphathi lapho okushintshe khona indaba, futhi abesifazane batshelwa ukuthi bazongena ebhizinisini lokudayisa ngomzimba.

Bayalelwe ukuthi bangayi phambi kwendlu lapho abantu abangababona khona.

Laba besifazane bathi babe sebegcinwa egumbini elilodwa lapho okuhlale kuvalwe khona amakhethini.

Ngokusho kwezisulu, ngokuhamba kwesikhathi ngamunye babizelwe egumbini ngumqashi, obe esebathinta ngendlela engafanele. Phakathi kwakho konke lokhu, omunye wezisulu ukwazile ukusebenzisa umakhalekhukhwini wakhe ngobuhlakani ukuze athole usizo oluvela ngaphandle.

Isicelo sosizo sifinyelele kuKhomishana wesifundazwe, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngoLwesithathu ohole umkhankaso wokuhlenga izisulu ezine.

Kuvulwe icala lokushushumbiswa kwabantu elidluliselwe koKlebe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Izihloko zakamuva