Bashukumise inkundla ngokudayisa isikhindi sangaphansi 

I-eBay ikhiphe uhlu lwezimpahla zangaphansi zomculi waseMelika uLatto ngesikhathi isicelo sifinyelela ku-R1.7-million.

Ufake impahla yangaphansi wayidayisa kwisizindalwazi okugcwele khona abasiki bengqephu ngemuva kokuthi i-Twitter iveze lo mculi wengoma edumile ethi “Big Energy” ngokuthi wagqoka iphenti elinemibala yengwe izikhathi ezimbili ezihlukene.

  • Omunye uthumele ku-Twitter izithombe eziveza izindawo ezimbili ezahlukene okuyilapho ayegqoke khona leli phenti elinemibala yengwe izikhathi ezimbili, uLatto uyalithanda iphenti elinombala wengwe ebhala: “Akakwazi yini ukuthenga amaphenti amasha?”

ULatto uphendule wambuza ukuthi ungumgadi wamaphenti yini. 

Ngemuva kwalenkulumo ku-Twitter, ufake leli phenti ukuze lidayiswe ku-eBay, kwaqubula impi enkulu yabantu abakade befuna ukulithenga.

“Iphenti lo mculi uLatto elinemibala yengwe useke waligqoka nsuku zonke,” kufundeka incazelo esetshenzisiwe njengoba kubonakala uLatto izikhathi eziningi egqoke leli phenti.”

Inani lifinyelele ku-$100,000 (R1.7 million) ngaphambi kokuthi i-eBay isuse uhlu, ngenxa yokuthi kuphambene nemigomo yabo.

Okhulumela i-eBay uchaze ukuthi ukufakwa kwalokhu kuphule imigomo nemithetho yenkampani ephatheleke nenhlanzeko,” kubika i-Business Insider.

“Ukufakwa ohlwini okuhlanganisa nezingubo zangaphansi esezike zasetshenziswa akuvumelekile ngaphansi kwenqubomgomo yethu yezimpahla ezisetshenzisiwe,” kusho okhulumela inkampani.

Umrepha wase-Atlanta unabalandeli abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye ku-Instagram futhi akakaphawuli ngokususwa kwempahla yakhe.

Akuqinisekisiwe ukuthi uLatto uzophinde aligqoke yini iphenti elinemibala yengwe, kodwa uma eligqoka angase afune ukukhuphula ibhulukwe lakhe phezulu.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: ULatto ubonwe egqoke iphenti elinombala wengwe

Umthombo wesithombe: @extraathique

Izihloko zakamuva