Bashone ngokuminza ngesikhathi somvalelo

Lungani Zungu

IKwaZulu-Natali inezibalo eziphezulu zabahaqwe yi-Covid-19 ezweni lonke – futhi ibuye ibe nabantu abaningi abashone ngenxa yokuphula imithetho yomvalelo ngokuya emabhishi bese beyaminza.

Kubantu abayishumi nanye asebeminzile kusukela ekuqaleni kukaMasingana,  abayisishiyagalolunye ngabaKwaZulu-Natali, kanti abanye bavela eNtshonalanga yeKapa naseNyakatho yeKapa.

Lokhu bekubandakanya izingane ezithatha isinqumo sokuyozijabulisa nabangani bazo ngokuyobhukuda kodwa zigcine zikhokha ngempilo yazo.

NgoMasingana kubhaliswe izisulu ezilandelayo.

  • Amaphoyisa aKwaZulu-Natali athole isidumbu sentombazane eneminyaka eyi-14 ubudala emfuleni i-Ibisi eMzimkhulu, eningizimu nesifundazwe.
  • Amaphoyisa athole isidumbu sentombazane eneminyaka eyi-11 ebesiminze emfuleni uMvubukazi eMzimkhulu.
  • Isidumbu sowesilisa sitholwe sintanta emfuleni uMfuli, eMasangweni Reserve e-Melmoth.
  • Abakwa-Scrolla.Africa babika ngesigameko sokuminza komfana oneminyaka eyisithupha echibini lomfula i-Mnamfu, e-Mtwalume e-Hibberdene.
  • Owesilisa oneminyaka engama-33 ubudala uminze eSibaya Lake, e-Mbazwana.
  • Isidumbu sowesilisa oneminyaka engama-27 sitholwe emfuleni uThukela eMandeni.
  • Kutholakale isidumbu somfana oneminyaka eyisishiyagalolunye e-Brighton Beach.
  • Kuminze intombazane eneminyaka eyi-11 eMpangeni.
  • Isidumbu sowesilisa oneminyaka engama-37 sitholwe emfuleni uMlazi ngase-Silverglen.

AmaPhoyisa aseNyakatho yeKapa athola isidumbu sowesifazane oneminyaka eyi-19 ubudala e-Orange River, ngase-Orania ngosuku olufanayo nowesilisa oneminyaka engama-34 ominze ebhishi lase-Herolds Bay eNtshonalanga yeKapa.

Khonamanjalo, ngoLwesibili isifundazwe saKwaZulu-Natali sibe nezibalo eziphezulu kakhulu zabahaqwe yi-Covid-19 okubalwa abantu abayizi-46,528, kwalandela iNtshonalanga yeKapa nabantu abayizi-25,372 kwathi i-Gauteng yalandela nabantu abayizi-19,360. Zonke ezinye izifundazwe bezinezibalo ezingaphansi kwezi-15,000 zabahaqwe yi-Covid-19.

Isikhulumi esibambile eHhovisi likaMengameli uTyrone Seale siphindaphinde isicelo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bangawasebenzisi amabhishi uhulumeni aze amemezele izinyathelo ezintsha.

Izihloko zakamuva